Ikhalelwe ngamasongo kaSigonyela intatheli eDRC

Isolezwe ngeSonto - - EZAMAZWE -

KUBOSHWE intatheli icoshela izindaba endaweni ehlala abokufika e-Lusenda, e-Uvira, eDemocratic Republic of Congo.

Ngokolwazi olutholwe yi- African News Agency (ANA), intatheli u-Antediteste Niragira weDeutsche Welle eseBurundi iboshwe isebenza.

Kuthiwa iye kule ndawo nabenhlangano engekho kuhulumeni yaseGermany i-Eirene Grands Lacs, esebenzela eDRC naseBurundi.

Ilungu lomndeni wale ntatheli likuqinisekisile kwi- ANA ukuthi bazitholile izindaba zokuboshwa kukaNiragira e-Uvira.

“Uhambe ekhaya ngoLwesithathu ekuseni eyosebenza eLusenda, eDRC. Uthe uyoba nengxoxo nabokufika abahlala eBurundi,” kusho ilungu lomndeni.

Kuze kube yimanje iziphathimandla zaseDRC azikacacisi ngezizathu zokuboshwa kwale ntatheli ngokusho kwesiteshi sethelevishini saseGermany.

Ngokwemithombo kuvele ukuthi amaphoyisa aqale ngoLwesihlanu ukuhlanganisa ifayela elizocacisa ngokuboshwa kukaNiragira.- ANA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.