Ungabazane ngobul

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

UMSAKAZI woKhozi FM uBheka “Beekay” Mchunu, uhlabeke umxhwele ngendlela abafundi basesikhungweni semfundo ephakeme iMangosuthu University of Technology abawuthanda ngayo umculo kamasikandi.

Uze wabathembisa ukuthi usezinhlelweni zokuthi uhlelo lukamaskandi alusakaza ngokubambisana noNkosinathi Mshengu iSigiya Ngengoma, luzosakazwa bukhoma kulesi sikhungo. Lo msakazi ubengumphathi wohlelo emcimbini iMaskandi Festival obukulesi sikhungo ngoLwesine ebusuku lapho abafundi bebephume ngothi lwabo bebhikla ingoma SEKUQUBUKE ungabazane ngobulili bomlingisi uKagiso Rathebe osedume ngokudlala indawo yesitabane emidlalweni ewuchungechunge kwithelevishini.

Abalandeli bakhe badidekile njengoba ephinde adlale indawo kaTongai okungumlisa othanda amantombazane emdlalweni weSABC2 iKeeping Score eboniswa njalo ngoMsombuluko kuya kuLwesine ngo9:30 ebusuku.

Ekhuluma neSolezwe ngeSonto uKagiso odlala indawo ka-Elam kwiGenerations: The Legacy kuSABC1 neka-Anda kumdlalo wakuMzansi Magic Igazi, uthe kuyamchaza ukuba incwadi engafundeki.

“Uyazi ngaqale ngaya kwinhlolokhono yeGazi Season 1 lapho engathola khona indawo ka-Anda ngo2015. Usuzophela unyaka ngaphinde ngazama inhlanhla kwinhlolokhono yeGenerations: The Legacy ngomzuzu wokugcina kanti ngizothathwa. IGenerations: The Legacy yadlala kuqala kuneGazi okwenza kubukeke sengathi ngiqale ngadlala khona. Esigabeni sokuqala seGazi ngavela kancane ngasekugcineni bengithula njengesoka likaPhila. Kube lula ukulingisa indawo yesitabane emidlalweni yomibili ngoba akusiso lesi sitabane esizenza umuntu wesifazane, kodwa umuntu wesilisa othandana nabanye,” kusho uKagiso.

Uthe kuyenzeka izitabane okuyinto a njengoba edlala inda emdlalweni emibili.

“Abalandeli bam ngoba ngilapha engi yothando lwabo. Ng nabo kodwa ngiyazi akumele beqe umug abake bangibuze ng bami, kodwa angiba Angikakakulungeli obala ngobulili bam lokuzithola. Balung beziphendula. Indaw othanda amantomb ngesikhathi esihle n besengidume njengo oyisitabane,” kusho uKagiso.

Uqhube wathi umndeni wakhe ozinze eRandburg eGoli, awukaze umxwaye ngenxa yokulingisa indawo yesitabane, kodwa uyaliseka ikhono lakhe.

Ebuzwa ngokuthi ngabe ukhona owesifazane athandana

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.