Ukhuza ibuya emculw

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

UPHIKA eyokuphelelwa ushatini uDJ owaduma eminyakeni edlule ngokuphatha imicimbi eshaya imidanso eyayishiya abantu befuna impinda.

USibongiseni Langa wakwa-R eMlaza odume ngelikaDJ Oros, uthe ubenganyamalalisiwe izinkinga, kodwa ubesashaya umshosha phansi.

“Abalandeli bami abadedele igazi, ngikhona. Ubona nje kunengoma esiyiphekayo noTira noCharacter ebizwa ngokuthi Abantu Bethu. Le ngoma ididiyelwe iTrademark noGoodman,” kusho u-Oros.

Uthe uthathe ikhefu ukuze ahlele kahle impilo yakhe njengoba ngaphambilini ubezimele.

“Manje sengingaphansi kwenkampani kaProfessor, iProper Files. Ngibuyile, ngihlose ukukhipha i-albhamu. Amajita abesekhathazekile n abenenhlanhla yoku ngiwazwise umculo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.