Wenzani uCleo edlala ngomama uWinnie?

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

LESI sono esenziwa uDJ Cleo uyosifica simlindile eZulwini.

Uma kungukuthi le ngoma ethi Yile Gqom ayicula ngokuhlanganyela noWinnie Khumalo izohlukumeza uWinnie umuntu omdala ngalolu hlobo, kungcono ayiyeke.

Ngibone umuntu omdala ezinyukunya waze wacishe waphuka edansela iYile Gqom kwiClub 808.

Nawe DJ Cleo ngeke uthande le nto yenziwa kumama wakho. Uthi zithini nje izingane zikaWinnie elokhu esantuza nezingane kwithelevishini. Kumele ayofuna umsebenzi umama uWinnie ayeke ukuzihlekisa nezingane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.