Banesibindi esibi labomama be-ANCWL

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

ITHANDE ukungixaka kancane le nto yalabo mama be-ANC Women’s League abebeyobona kubo kaKarabo Mokoena okusolwa ukuthi ubulewe yisoka lakhe.

Basithathephi nje kodwa isibindi esingaka sokuqhamuka belengisa amaqhuzwana eRama neHandy Andy ngesandla?

Angazi noma kukhona obasabisile yini ngokuthi ozongena engaphethe lutho esandleni uzoshaywa.

Kuyangicacela ukuthi inhloso yabo bebefuna ukubukwa. Bake babonaphi kuhanjiswe ukudla kuphethwe ngezandla.

Ninesibindi bo bomama be-Rama noSunlight Dishwashing Liquid! Kodwa iphumelele inhloso yenu yokufuna ukubukwa ngoba nibukiwe ngento engasile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.