Ugijimele imali kunomzukulu

Isolezwe ngeSonto - - EZINGAJWAYELEKILE -

IKHEHLA liyishiye phansi ingane ilimele layofuna isinxephezelo semali kumshayeli oyishayisile.

Lesi sigameko senzeke edolobheni eTianzhu County, esifundazweni eGuizhou eChina.

Kwi-video esabalele kubonakala imoto emnyama iza ngesivinini ishayise intombazane kabi.

Okushaqe abantu abebesendaweni yesigameko wukuthi esikhundleni sokuthi umkhulu wentombazane ayibheke ukuthi ilimale kangakanani ugijime wayofuna imali yesinxephezelo kumshayeli wemoto.

Indlela abeyifuna ngayo imali kwenze izinkumbi zabantu zakhathazeka ngenxa yokuthi ubonakale efuna imali kunokunaka umzukulu olimele.

Amaphoyisa asole kakhulu umshayeli nomkhulu wentombazane ngokuba sephutheni ngokulinganayo.

“Umkhulu bekufanele aqaphe izingane abehamba nazo ngokunjalo nomshayeli ube nephutha ngendlela abeshayela ngayo,” kusho amaphoyisa.

Ngesikhathi isixolongwa intombazane kutholakale ukuthi iqhephuke izinyo yanemihuzuko engatheni.

- Daily Mail

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.