Ukhala ngokuthukwa ngozibiza ngonozinti weChiefs

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

lakhe.

Abanye bamangale ngesenzo sikaKhuzwayo, bathi besingekho isidingo sokuthuka uGugulethu.

Ekhuluma neSolezwe ngeSonto uGugulethu, uthe akafuni ukugqama ngento ebhedayo, akanaso isiqiniseko sokuthi nguye ngempela uKhuzwayo omthukile.

“Le ngxoxo ngiyifake ngoba ngicikwa yilo muntu obengithuka. Angazi ukuthi ngubani, kungenzeka ukuthi akuyena kodwa mina lo ongithukile usengivalile ekhasini lakhe washintsha nesithombe.

“Bengingaqondile ukususa umsindo bengidlulisa ukuphoxeka kwami. Abanye abangani bami baqinisekisile ukuthi nguye, kodwa abanye bathi akusiye.

“Angifuni futhi kube sengathi ngikwenze lokhu ngoba ngifuna udumo,” kusho uGugulethu.

Uthe uyesaba nokuthi akekho umuntu ozomvikela uma esehlaselwa ngabalandeli bakaKhuzwayo.

Kufonelwa enye yezinombolo zikaKhuzwayo ucingo lubanjwe owesifazane othe akasayisebenzisi le nombolo, wenqaba nenombolo kaKhuzwayo enye.

Enye inombolo yakhe ibivaliwe, kanti imenenja yakhe uMnuz Tim Sukazi unqabile ukuphawula wathi kungangcono uKhuzwayo aziphendulele. Unqabile futhi nenombolo kaKhuzwayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.