Umlando owesimame eqokelwa esiphezulu kwezomthetho

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

KUQOPHEKE umlando kuqokwa umuntu wesifazane okokuqala esikhundleni sokuba wuMengameli weNkantolo yokuDluliswa kwamaCala kuleli (SCA)

UMengameli Jacob Zuma uqoke iJaji uMandisa Muriel Lindelwa Maya kulesi sikhundla ebesilokhu siqhoqhobalwa amadoda kusukela yasungulwa le nkantolo ngo-1910.

Le nkantolo ibhekele ukucubungula izinqumo ezisuke zithathwe yizinkantolo bese ziyadluliswa uma kukhona ukungeneliseki.

Lesi simemezelo senziwe yiHhovisi likaMengameli ngoLwesihlanu bathi kulindeleke ukuthi aqale ngokukhulu ukushesha.

Ukuqokwa kwakhe kumkhuphulela esikhundleni sesithathu kusukela kuleso somphathi wamajaji nesekela lakhe. UZuma uthe umbongele kakhulu uMaya wathi bamfisela okuhle kodwa emsebenzini wakhe.

“Sinethemba lokuthi uzowenza ngenkulu impumelelo umsebenzi wakhe wokuqinisekisa ukusebenza komthethosisekelo wezwe lethu,” kusho uZuma. - ANA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.