Ukubanjwa kosopolitiki ezenzweni zocansi

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

ngo-2005 wabhekana necala lokunukubeza owesifazane owayaziwa ngelikaKhwezi. Ngaleso sikhathi wawusobala umbango wangaphakathi kwiANC ngenxa yengqungquthela yasePolokwane. Izinsolo zachithwa eNkantolo eNkulu eGoli uZuma watholwa emsulwa. Akuphelanga sikhathi esingakanani kwavela udaba lokuzalisa indodakazi ka-Irvin Khoza usihlalo we-Orlando Pirates, uSonono.

ObenguMengaemli wase-USA uMnuz Bill Clinton isalokhu imlandelile eyokumataniswa nethwasa laseWhite House uNksz Monica Lewinsky. Wagcina evumile, kodwa manje sekuvumbuke nabanye abane abamsola ngokujola azitike ngabo. Umthelela awumkhulu kuye kodwa wafakela imikhankaso yomkakhe uNkk Hillary Clinton isigcwagcwa.

UNobhala wenyunyana yabasebenzi iSouth African Federation of Trade Unions (Saftu) uMnuz Zwelinzima Vavi, wahlazeka kuvela ukuthi uye ocansini ehhovisi nomshadikazi uNkk Jacqueline Phooko.

Kwashaqisa izwe ukubonakala kwesithombe sowayefana nePhini likaNgqongqoshe wezokuVikela uMnuz Kebby Maphatsoe enqunu endaweni ebukeka sengathi kusehhotela kuvele ithanga lentokazi. Eminyakeni edlule lowo osenguNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Fikile Mbalula waba sematheni kuvela isigameko sothando nomkhangisi. UMbalula waphika ukuthi babethandana.

Nabaholi beDA bake babalwa ezinsolweni, ezaphikwa, zehlazo locansi ngaphakathi eqenjini. Abaholi ababalwa ngoMnuz Mmusi Maimane, James Wilmot no-Athol Trollip. Ngaleso sikhathi uMaimane noWilmot babesembangweni wesikhundla sobuholi baleli qembu.

UNgqongqoshe weziMali uMnuz Malusi Gigaba uhlala esematheni benoNksz Buhle Mkhize ake wajola naye. Uke wahlawuliswa nguMnuz Luka Sandhlane imali engu-R1.7 million ngokuvuma ukuthi walala nomkakhe oyivolontiya ku-ANC uGugu Nkosi.

USihlalo we-ANC eWestern Cape uMnuz Marius Fransman utholwe enecala lokungaziphathi kahle ngemuva kokuba kunowesifazane uLouisa Wynand owaveza ukuthi ubemhlukumeza ngokocansi.

Umhlaziyi wezepolitiki uMnuz Protas Madlala uthe yinto eyenzeka umhlaba wonke le nto. Uthe sekukubi kakhulu manje ngenxa yezinkundla zokuxhumana ezishiya ubufakazi bokwenzekayo nobekushiwo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.