UStoan u

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

YIZE ibukeka iza kahle ekulingiseni intokazi edlala indawo kaTsakane kwiSithembiso esikhonjiswa kuMzansi Magic ngo-19.30, ithe ingene ekulingiseni ngenhlanhla njengoba yona ingumrepha.

UMaya Wegerif (25) udlala indawo yokuba ngomunye wesigungu esihola abafundi esikoleni kwiSithembiso.

Uthe ukuthola le ndawo kube yinhlanhla njengoba ecelwe yiThe Bomb ukuthi alingise.

“Ithuba livele ngemuva ngemuva kokusebenza no-Okmalumkoolkat noDJ Maphorisa. Abe The Bomb bangicele ukuthi ngizolingisa kwiSithembiso. Ngize eGoli ngenhloso yokulandela iphupho lami lokuba ngumrepha. Ngiqale ngokucela ukubhalela u-Okmalumkoolkat izingoma, kodwa wangitshela ukuthi uyazibhalela. Wangicela ukuthi ngicule naye. Kumanje ngikhona ezingomeni zakhe ezintathu enye yazo okungeyakamuva ethi engicula kuyona ngolimi lwami isiTsonga,” kusho uMaya.

Emculweni ubizwa ngoSho Madjozi.

Uthe ukhiphe isingili yokuqala ethi Probleme ephrojuswe nguDJ Maphorisa ngoFebhuwari Gqi IPHUPHO lokuba nefilimu ehlanganisa abalingisi baphesheya kwezilwandle nabaseNingizimu Afrika selize lafezeka kuSenzo Zindela ongumqophi wamafilimu wasePort Shepstone.

Uzoqala ukuqopha ifilimu yakuleli iRed Cargo okuzolingisa kuyona abalingisi baseThailand, China, Korea nabaseNingizimu Afrika ngoJulayi nonyaka.

Phakathi kwabalingisi uSenzo athe sekuqinisekisiwe ukuthi bayingxenye yayo kukhona uJeeja Yanin waseThailand, Israel Makoe, Lwandle Ngwenya, Nyaniso Dzedze, Siyabonga Shibe nabanye.

USenzo uthe u-60% wefilimu uzoshuthelwa ePort Shepstone, u-20% ushuthelwe eGoli kuthi omunye u-20% ushuthelwe eThekwini.

“Ifilimu ikhuluma ngebutho lakwaZulu elitholana phezulu nombulali wobhejane waseChina. Inkinga iqala ngemuva kokuba umbulali wobhejane ebulale unkosikazi nengane yaleli butho ngesikhathi ethungatha ontshontshe uphondo. Ibutho alibange lisavuma ukuthi lo mbulali ahambe lisho k ISILOMO somculi esad lomculo we-Afro-pop e iBongo Muffin, sithole aluhlaza kwiPower FM

UStoan Seate owaye ngokucula ngesiTswan yaleli qembu ngeminy umenyezelwe njengom wohlelo iPower FIX. U luzongena ngeSonto ng ku-3 ntambama.

UStoan ophinde eth lomculo wesintu i- Afro uke wasakaza kwiMot phambilini.

UStoan uthe kuyam ukuthola leli thuba.

“Ngizothola ithuba nawo wonke umuntu, n ngikwazi nokuthinta i baseNingizimu Afrika nezingxoxo. Sesiside n ngigcinile ukusakaza, ngabomvu usuku loku kusho uStoan.

Uke walingisa, weth njengoba kade esanda noSomizi Mhlongo ekw umcimbi wamaSouth A Television Awards (Saf edlule.

Lo msakazo ube nez ezinqala okukhona ku

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.