Utakulwe yiGazi eseshaywe wumhlaba

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

UKUHLUPHEKA kumhlanganise noNkulunkulu umlingisi uYonela Duze owazakhela igama ngokudlala indawo kaBuli kumdlalo i- Home Affairs owawudlala kwiSABC 1 eminyakeni eyishumi edlule.

UYonela (28) ongowokudabuka ePort St Johns e-Eastern Cape uveze ukuthi ulwazi kahle usizi lokushaywa wumhlaba kuze kube engathi awukaze ube ngusaziwayo.

Uthe ubonga abomdlalo Igazi ngokumnikeza ithuba lokubuyela ekulingiseni ayekugcine ngo-2012.

“Ngiqale kwi- Home Affiars ngo-2005 ngisafunda u-grade 11 esikoleni iNational School of the Arts eBramfontein. Ngilingise khona kwaze kwaba u-2008. Kwakungumsebenzi wami wokuqala omkhulu wokulingisa njengoba ngangike ngaba yi-extra kwi- Soul City. Ngo2009 ngathola ithuba lokulingisa kwifilimu kaWinnie Mandela lapho engangingomunye wabakhaphi emshadweni. Ngathola nethuba lokulingisa nabalingisi baphesheya uJennifer Hudson noTerrence Howard,” kusho uYonela.

Uthe ngemuva kwefilimu ubizwe kwiTshisa 2 no-3 edlala indawo kaZukiswa.

“Ngiqede kwiTshisa ngo-2012, ngabuyela ekhaya ngoba ngingasawutholi umsebenzi. Impilo ibinzima sengingasenabazali, ubaba washona ngo-2004, umama walandela ngo-2010. Ngisele nodadewethu abathathu nabo okungakabalungeli empilweni. Ngize ngayosebenza esitolo sezingubo. Abantu bengihleka bethi kwenzakaleni ekulingiseni. Bengingabanaki ngoba ngangazi ukuthi ngiyayidinga imali. Ngo2013 ngibuyele esikoleni ngayofunda imfashini ngoba ngibona ukuthi ayikho inqubekela phambili ekusebenzeni esitolo,” kusho uYonela.

Ngemuva kokufunda uthe usungule isitolo sakhe sezingubo nomngani wakhe u-Andiswa Ndamase ongasekho.

Uthe ubunzima ahlangabezane nabo kumsize ekutheni azihlanganise noNkulunkulu okuyinto ayengayinaki ngesikhathi izinto zisamhambela kakhe.

Enhluphekweni uthe yilapho eguqe khona phansi ngedolo wacela uMdali amsize okumenze ukuthi aqine azi ukuthi empilweni ayisekho into eyomwisa ngoba uNkulunkulu ungakuye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.