Ukhuza ibuya kuZalo umlingisi

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

UKHUZA ibuya umlingisi womdlalo ovezwa kuSABC 1 Uzalo ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-20.30 ebusuku. USiphesihle Cele odlala indawo kaJojo yokuba yisitabane esithandana noGC, utshele iSolezwe ngeSonto ukuthi uyakujabulela ukubuya. Ukusho lokhu emcimbini i-Africa Motherland Festival wokuqhakambisa ubu-Afrika obuse-K Cap KwaMashu ngoLwesine ebusuku.

Uthe uyazifela ngendawo ayidlalayo yokuba yisitabane nakuba engesona okwangempela. Uthe uyazi ukuthi abantu ikakhulukazi abadala abakayiqondi kahle indaba yezitabane.

Uthe akanankinga nokuthi abantu bambuka kanjani kodwa yena uyazi ukuthi umdlalo nempilo yakhe yangempela kuhlukene.

“Ngiyashutha kulezi zinsuku, ngizobonakala maduze nje. Ngiyathanda ukuyidlala leya ndawo, ngayithanda ingakaqali kuZalo ngoba ngikholwa ukuthi kufanele abantu bafunde ngalolu hlobo lwabanatu ukuthi bakhona bayaphila nabo,’’ kusho uCele.

Lo mlingisi uthe uma engekho kuthelevishini usuke ematasa eK Cap njengoba abuye edlale emidlaweni eyenziwa khona.

Kulo mcimbi obuKwaMashu bekuhlangene intsha izolalela kabanzi ngokuziqhenya ngamasiko ase-Africa. Bekukhuluma umbhali wezincwadi uMfuniselwa Bhengu ogcizelele ukuthi intsha ibuyele ezimpandeni zayo, ijwayele nokufunda izincwadi, izihluphe ngokwase-Afrika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.