Injabulo kwabaningi kubuya Isithunzi

Isolezwe ngeSonto - - EZEMISAKAZO -

UKUPHELA komdlalo Isithunzi owabe udlala kuMzansi Magic, kwashiya abaningi bengenelisekile ngenxa yemibuzo eminingi eyasala ingaphendulekile.

Izindaba ezimnandi zithi, lo mdlalo onezintokazi ezizibiza ngama “Ninja” ukhuza ibuya. Kulezi zinsuku uZikhona Bali (Londi), Thuso Mbedu (Winnie), Yolanda Msingane (Noxolo) noMakgotso Monyemokathoe (Thishiwe) abadlala phambili kwiSithunzi, bamatasa baqopha isizini yesibili.

Injabulo yokubuya kwalo mdlalo ivezwe nguMakgotso Monyemokathoe ku-Instagram ezinsukwini lapho enameke nesithombe enozakwabo abakulo mdlalo.

Akwenzile kudale injabulo kubantu abangabalandeli bokuqina balo mdlalo ogabe ngetsha nezinkinga evame ukubhekana nazo nobumbano lwembokodo.

Okhulumela uMzansi Magic, uNondumiso Mabece, uthe nakuba lungakaqinisekiswa usuku lokubuya kwawo, kodwa wona uyabuya emoyeni.

“Ngesikhathi Isithunzi sidlala sikhombise ukuthakaselwa ngenxa yokuthi besinakashele izihloko intsha ejwayele ukubhekana nazo.

“Kuthe uma siphela kwahlala obala ukuthi ababukeli basithandile.”

Phakathi kwezihloko ezabhekwa kulo mdlalo uqala, kwaba wudaba lokuqhwaga kwabafundi ezikoleni, ukushadiswa kwenstha, ukuhlukunyezwa ngokocansi, ubuthakathi, ukubaluleka kwemfundo esikhathini samanje, ezothando nezinye eziyithinta ngqo.

Ukubuya kwalo mdlalo kuzophinda kubheke ezinye izihloko ezizoshiya isifundo kubabukeli kuphinde kuphenduleke nenqwaba yemibuzo eyasala ingaphendulekile ngesikhathi kuphela owokuqala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.