Ingqemeke engeqiwa ntwala iBafana Bafana

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO -

KUNGAKAPHOLI maseko umqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter, ememezele iqembu lakhe ngoLwesine elizodlala neNigeria ngoJuni 10 e-Uyo Stadium, ugqemeke ingozi engeqiwa ntwala ethola umbiko wokuthi umdlali weFC Twente, uKamohelo Mokotjo, ngeke akwazi ukuphumelela ngenxa yokwelashwa edolweni ebesekunesikhathi limhlalise lubhojozi.

Lokhu kudalulwe yiSafa embikweni wayo obubhekiswe kwabezindaba ngoLwesihlanu lapho ibichaza ukuthi ngokombiko wodokotela othunyelwe yiTwente ngeke akwazi ukubakhona kulo mdlalo njengoba becabanga ukumhlinza.

UBaxter akabange esachitha sikhathi wachibiyela ngomdlali weBrondby yaseDenmark uLebohang Phiri okuthiwa ushisa engabaselwe kuleliya qembu.

Lo mqeqeshi uphinde wanconya ngokuthaka iqembu lakhe ngabadlali abanamava kanye namavukana okuhambisana kahle nombono weSafa owaziwa ngeVision 2022.

Onozinti: Itumeleng Khune, Ronwen Williams noDarren Keet

Abasemuva: Ramahlwe Mphahlele, Tebogo Langerman, Sifiso Hlanti, Thulani Hlatshwayo, Mulomowandau Mathoho, Rivaldo Coetzee, Lorenzo Gordinho, no=Abbubaker Mobara

Abasesiswini: Dean Furman, Hlompho Kekana, Keagan Dolly, Andile Jali, Themba Zwane, Bongani Zungu, Aubrey Ngoma

Abagadli: Tokelo Rantie, Percy Tau, Lebogang Manyama, Kermit Erasmus,

Thamsanqa Gabuza noSibusiso Vilakazi.

Khonamanjalo Amajita akhale ngaphansi kwiFifa Under 20 World Cup ebambana ngo 0-0 ne-Uruguay izolo eSouth Korea.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.