Ubashaye emakhanda

Isolezwe ngeSonto - - FRONT PAGE - S’MANGELE ZUMA

USHAYELA phezulu umethuli we- Our Perfect Wedding uThembisa Mdoda kulandela ukubashaya bonke emakhanda abencintisana nabo emcimbini wokuqala wamaDStv Mzansi Viewers’ Choice Awards obuyizolo eSandton International Convention Centre, eGoli. UThembisa oseshiya kulolu hlelo lwemishado, ukhale wemuka nendondo yeTV Presenter ne-Ultimate Viewers’Choice Award Isithombe: FACEBOOK/THEMBISA MDODA

UYAVEVA unina womfana ongumdansi waKwaDlangezwa eMpangeni, osekuphele izinyanga eziyisishiyagalombili elinde amateku akhanyayo kaMampintsha, i-Original Shandis.

UNksz Lindiwe Dube (42) uselilahlile ithemba lokuthi indodana yakhe (15) iyophinde iwathole la mateku abiza uR1 600 ayithengela wona ngoDisemba ngonyaka odlule, ngoba iyodansa neqembu layo kweminye yemicimbi ababemenywe kuyo.

“Umfana wami babehlelile neqembu adansa nalo ukuthi bazogqoka la mateku lapho ababeyodansa khona.

“Kwaze kwafika usuku lomcimbi la mateku singakawatholi, yize ngase ngiwakhokhelile.

“Ngangikhulume noDJ Boonu osebenzisana noMampintsha wathi angifake imali. Kwathi sekufanele ngithole amateku wathi angikhulume noLethu.

“ULethu wathi okwamanje basawamisile amateku ngoba anenkinga, abantu bayawabuyisa,” kusho uNksz Dube.

Uthe ukungatholakali kwala mateku kwaphoqa umfana wakhe ukuthi angabe esadansa neqembu lakhe.

“Inhliziyo yakhe yayibuhlungu ngoba wagcina esebukela iqembu lakhe lidansa, kube kunguye owayebafundisa umdanso.

“Waze waqoka ukuphuma eqenjini, wathi kungcono azimele yedwa ngoba iqembu liyaphoqa ukuthi abe nezinto ezithile.

“Ezinyangeni ezedlule bengilokhu ngizama ukuxhumana nabo kodwa ngingasizakali. Ngake ngazama ngisho ukukhuluma noMampintsha uqobo, kwasho ukuthi inombolo yakhe engiyitholile ayisebenzi.

“Babulala i-brand kaMampintsha enhle kangaka, futhi nezingane ziyayithanda,” kusho uNksz Dube.

Uqhube wathi uBoonu ugcine engasayiphenduli imiyalezo yakhe, ngisho esemthumelela nesiliphu sokuthi imali wayifaka ngempela.

Kanti ngaphambilini uthe uBoonu wamtshela ukuthi imali yangena kwiaccount kaMampintsha.

Uveze ukuthi angajabula uma engagcina ewatholile amateku ngoba umfana wakhe uyawathanda, kodwa uma kungenzeki nemali yakhe angayijabulela.

Ethintwa uBoonu uthe: “Lo mama usengaze aye emaphepheni ngoR1

600? Kwaba nezinkinga zangaphakathi ngodaba lwamateku.

“Akathumele inombolo ye-akhawunti yakhe, ngizotshela uMampintsha amthumelele imali. Bengizitshela ukuthi sewayithola imali yakhe,” kusho uBoonu.

Uthe akulula ukuthi bamnikeze amateku ngoba awekho, basamile ukuwakhiqiza ngenxa yokuthi kwavele kwanda angombombayi.

UVUMILE ukuthi uyalwazi udaba lwamateku uDJ Boonu wathi ubezitshela ukuthi uNksz Lindiwe Dube sewabuyiselwa imali yakhe Isithombe: INSTAGRAM/ DJ BOONU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.