Kukhalwa ngamateku kaMampintsha

Isolezwe ngeSonto - - FRONT PAGE - DELI MNCWABE

UVEZE isandla sakhe sangesokunxele okokuqala ngqa emphakathini ngemuva kokusifihla iminyaka uNkosinathi Maphumulo, odume ngelikaDJ Black Coffee.

Izolo, uqunge isibindi waveza isandla sakhe esalimala engozini yemoto. Walimala ngosuku umphakathi waseNingizimu Afrika wawubhiyozela ukuphuma kukaNelson Mandela ejele ngo-1990.

UBlack Coffee okumanje useBerlin, eGermany, ufake isithombe sakhe izolo enomunye wabangani bakhe.

Uchaze kabanzi ngesigameko nokwenza wathatha isinqumo sokufihla isandla sakhe ekhukhwini esakhula.

“Ngisakhula, ngaba sengozini yemoto. Ngemuva kwayo ngangijwayele ukufaka okokuseka ingalo kuyona. Kwakunzima ngoba ezinye izingane zazingigcona.

“Lokho kwenza ngayeka ukuyifaka ikakhulukazi uma ngiphakathi kwabantu,” usho kanje.

Uthe sesiside isikhathi agcina ukuba semphakathini eyifakile ngenxa yokungazethembi.

Uqhube wathi ukufaka isithombe, akungenxa yokuthi kunabantu abakhuluma okuningi ngokwenzeka, kodwa kungenxa yokuthi uzenzela yena uqobo.

Uthe lesi yisinyathelo esikhulu asithathile sokuthi ahambe ngokukhululeka futhi uhlose ukuthi aqhubeke ukuze abe nesibindi.

“Sonke sinakho okuthile esingakuthandi nokwenza sigcine sibeka abanye abantu babe ngongqa phambili, kuthi thina uqobo sizibukele phansi.”

Uthe sekushaye isikhathi sokuthi azibheke yena kanti unethemba lokuthi lokhu kuzomsiza azivulele amathuba azoyisa impilo yakhe phambili.

UBlack Coffee waziwa ngokufihla isandla sakhe esalimala njengoba kade ehlala esivalele ekhukhwini.

Bese kukhona nabantu abebenzisa okwakhe.

Ubewaklwebha ngesandla esisodwa amapuleti, kuchwaze izihlwele.

UTUSWE ngesibindi sokuveza obala isandla esalimala uBlack Coffee osekunesikhathi esifaka ekhukhwini. Izolo uveze ukuthi usezosiveza Isithombe: INSTAGRAM/ BLACK COFFEE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.