Udubule intombi wazidubula naye washona

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - S’MANGELE ZUMA

LIGAYE ngomunye umhlathi kunogada obethi uyaqeda ngaye nentombi yakhe, kanti kuzoshona yena intombi isinde.

Ushiye abantu bebambe ongezansi unogada oneminyaka engu-32 yobudala, odubule intombi yakhe eneminyaka engu-28 yobudala isemsebenzini, maqede wazidubula esitolo sezingubo kwaAckermans, enxanxatheleni yezitolo iHammarsdale Junction Mall, eseMpumalanga izolo ekuseni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe, isoka okusolakala ukuthi lingunogada khona endaweni, ligasele kwesinye sezitolo ebekusebenza kuso intombi yalo.

“Kube khona ingxabano phakathi kwabo bobabili. Kuthiwa isoka likhiphe isibhamu ladubula intombi emlenzeni nasenyongeni kanti izosinda. Indoda ithathe isibhamu yazidubula, yashonela khona lapho,” kusho uZwane.

Uqhube wathi amaphoyisa aseMpumalanga avule icala lokuzama ukubulala nelokufa komuntu.

“Isibhamu esisetshenzisiwe sitholakele endaweni yesigameko. Kusazophenywa ukuthi isibhamu ngabe esomsebenzi noma bekungesesoka,” kusho uZwane.

Uthe amagama abathintekayo abengakadalulwa, njengoba imindeni yabo ibingekaziswa ngesigameko.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo abakwaNetcare

911, uMnuz Nick Dollman uthe, intombi ibisesimweni esibi njengoba kudingeke ukuthi bayihlenge endaweni yesigameko ngaphambi kokuyiphuthumisa esibhedlela. Ukuqinisekisile ukuthi isoka lishonele endaweni yesigameko.

Ngokusho komunye wabasebenza kule nxanxathela, ozakwabo bentombi basale bethuthumela ngemuva kwesehlakalo.

“Sizwe sekuqhuba isibhamu, besithi ngabantu abazobamba inkunzi. Babone lukhulu abasebenzi bakwaAckermans. Bazodinga ukwelulekwa ngokwengqondo njengoba bebone ifilimu. Bebesebenza ngemuva kwesikhashana kwangena isoka layo layidubula. Kube kuhle ukuthi intombi isinde kufe lona isoka. Noma kungathiwa bebebangeni, besingekho isidingo sokuthi aze azomhlasela emsebenzini,” kusho umsebenzi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.