Kuthuke abebesemngcwabeni kugula uHlengiwe

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - KHETHA SANGWENI

KUSUKE isidumo esinamathambo izolo umculi wokholo uHlengiwe Mhlaba exinwa ukugula enkonzweni yomngcwabo wabantu abangu-20 abashone engozini yetekisi.

Lo mculi wodumo lwengoma ethi Mhlekazi, ubengomunye wababezocula kulo mngcwabo, ubonakale engungwa abantu ngesikhathi ephelelwa amandla eduze kwetende. Uze wacela usizo kwabezimo eziphuthumayo abebekhona emngcwabeni nabamxilonge base bemdlulisela kudokotela ukuthi ayokwelashwa. Abantu abebebona lesi sigameko bathukile ngoba bebengaqondi ukuthi lo mculi udliwa yini. Lo mculi ethintwa yileli phephandaba ukuqinisekisile ukuthi uxinwe umkhuhlane omubi osunezinsukwana umqalile, nokwenza abuye aphelelwe amandla. Uthe naphakathi nesonto uke waya kudokotela wakhe ngoba ezwa ukuthi akuzi kahle.

‘’Empeleni nginomkhuhlane ngike ngaya nakudokotela ngilokhu ngithi ngizoba ngcono, kodwa awupheli. Bengizwa ukuthi akuzi kahle ngacela usizo kwabe-ambulensi abebekhona. Bengizihambela ngingagqigqwa muntu, akubanga yinto enkulu.’’ kusho uHlengiwe obezwakala ngisho ekhuluma ukuthi akaphilile kahle. Ephawula ngemibiko ebisabalele ethi uqulekile uvele wahleka kancane wathi sekuhambisana nehaba labantu.

Lo mculi wehlelwe yilesi sigameko engakaculi kulo mngcwabo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.