Uchaza ngesimo abhekana naso kushona uMeyiwa

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - CARMELITA FOX

‘USENZO (Meyiwa) wabalekela kimina, wayenegazi esifubeni nasemhlane ngavele ngabona ukuthi udutshuliwe.”

Lena yiyona ndlela umculi we-Afro pop uKelly Khumalo achaze ngayo isimo abhekana naso ngobusuku okwashona ngabo lowo owayeyisinqandamathe sakhe unozinti we-Orlando Pirates uSenzo Meyiwa. UMeyiwa washonela kubo kaKelly eVosloorus eKurhuleni esigamekweni okusolwa ukuthi kwakungesokugebenga.

Uchaze waze wanesibibithwane phambi kwabalandeli bakhe abebehambele umcimbi wakhe i- Up Close and Personal with Kelly Khumalo ngoLwesine, eGoli.

“Kwakuwusuku olumnandi, sasinesikhathi esimnandi nje. Ngesikhathi sesizohamba, sezwa umsindo wokushaywa kwesicabha, savuleka kwangena abalisa ababili.

“Omunye wabo wangikhomba ngesibhamu, wafuna imali nomakhalekhukhwini.

“Ngabalekela ekameleni likadadewethu, wangilandela ngadudula isicabha ngizama ukusivala, naye wasiphusha efuna ukungena.”

Uthe kuze kube yimanje akaqondi kahle ukuthi kungani ayeka lo mlisa ukududula isicabha.

UKelly uthe ngesikhathi ebaleka, wayengazi ukuthi izingane zakhe zazikuphi nendawo, yize ayazi ukuthi zazikhona ngaphakathi endlini.

Uqhube wathi ngesikhathi egijimela ekamelweni lendodana, wezwa ukuqhuma kwesibhamu kabili.

Kulapho uSenzo abalekela kuyena, phezu kokuba ayesegcwele igazi. Uthe wabona lapho ukuthi uSenzo usedutshuliwe.

“Ngacabanga ukuthi uzama ukungivikela, kodwa ngabona ukuthi unegazi esifubeni nasemhlane.

“Asibange sisakwazi ukulinda ukufika kwe-ambulensi, samphuthumisa thina esibhedlela.”

Uthe iNingizimu Afrika yalahlekelwa ngunozinti ophambili kanti yena walahlekelwa ngumlandeli wakhe wokuqina.

Ababulali bakaMeyiwa basagcwele amathafa.

NgoMeyi umphenyi omkhulu uRick Crouch wathi uphenyo ngokushona kukaMeyiwa lungachazwa njengelinye lamacala angasombululeki.

USenzo washona ngo-Okthoba 2014.

KELLY KHUMALO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.