Kusolwa isikhwele kozihilele ngentambo kagesi endlini

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - S’MANGELE ZUMA

ULOKHU esikhihle njalo isililo owesifazane waseFolweni ngemuva kokuthi isoka lakhe leminyaka litholwe lilenga endlini, abekade behlala kuyo ngoMsombuluko ntambama.

Kunzima ukwamukela isimo kuNksz Sinegugu Ngubane (28) ngemuva kokuthi isoka lakhe uMnuz Sanele Mthembu (24), litholwe yingane ebibuya esikoleni lilenga endlini.

Kusolwa ukuthi uMthembu ubenezinsolo zokuthi intombi yakhe iyajola.

UNksz Ngubane uwaphikile amahlebezi athi ubesethandana nomunye wesilisa.

“Akekho umuntu ongazi indlela ebesithandana ngayo. Bese sihlale ndawonye iminyaka ewu-6. Besixabana njengabo bonke abantu abathandanayo kodwa besibuye sixolelane.

“Ngosuku azibulale ngalo ngimshiye ekuseni ngiya emsebenzini engaphathekile kahle emoyeni. Ngangingabaza ukumshiya kodwa wangincenga ukuthi ngihambe. Ingane yami ena-12 ibuye esikoleni kuvalwe ngaphakathi. Ilinde kwaze kwabuya umzala wami ofunda u-matric oze wagqekeza endlini kanti uzomthola elenga,” kusho uNksz Ngubane.

Uthe bebesanda kuxabana bebanga u-R20 000, abekade bewubeka ndawonye odliwe umufi nabangani bakhe.

Le mali uthe bebeyibeka ukuze uMthembu ayocela isihlobo esihle kubo. Uvele wakhihla isililo maphakathi nenkulumo, wathi akayiboni into eholele ekutheni isoka lakhe lithathe lesi sinqumo.

Umngani kamufi ocele ukungadalulwa uthe uzibulele ngoba esethole ukuthi uNksz Ngubane usenelinye isoka kanti ubemthanda kakhulu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant

Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aseFolweni aphenya icala lokufa komuntu ngemuva kokuthi kutholakale owesilisa elenga ngentambo kagesi ngoMsombuluko ntambama.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.