Ikuphindile futhi ekaZuma

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

INDODANA kaMengameli

Jacob Zuma, uMnuz Edward

Zuma, isiphinde yabiza owayengungqongqoshe wezezimali uMnuz Pravin Gordan ngomdayisi nomqambi-manga.

Ukwenza lokhu nje usanda kuphoqwa ukuthi axolise kuGordhan ngencwadi evulelekile ayibhala, lapho ashiya angalazi kuye embiza ngomdayisi womzabalazo, ogcwele inkohlakalo.

Kusuke umsindo ngesikhathi uZuma neqeqebane lamadoda liphazamisa inkulumo kaGordhan kwisifundo ngempilo kaMahatma Gandhi eMountain Rise, eMgungundlovu ngoLwesihlanu ebusuku.

Leli qeqebane livele laya phambili laphakamisa izingqwembe ezinemibhalo egxeka uGordhan.

UZuma kuthiwa umsole ngokuvota namaqembu aphikisayo ePhalamende.

“Ungumdayisi, uvote namaqembu aphikisayo, sisazobhekana nawe,” kusho uZuma.

UGordhan uthe: “Ikusasa lezwe lethu lisezandleni zabantu bakuleli abazolwisana nokwebiwa kwezinsiza zombuso, okuwumkhuba owenziwa yidlanzana labantu abafuna ukufeza izinhloso zabo.”

Amaphoyisa athwale kanzima ukuxosha leli qeqebana ebeligoloza ukuhamba. -ANA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.