Ufuna kushushiswe nomnikazi wetekisi

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - KHETHA SANGWENI

UNGQONGQOSHE wezokuThutha, ukuPhepha, nokuXhunyaniswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, uthe kufanele akhalelwe amasongo kaSigonyela umnikazi wetekisi ebulale abantu abangu-20 KwaXimba ngeSonto eledlule.

UKaunda ubekhuluma enkonzweni yomngcwabo yabashona ebisenkundleni Inkosi Manzolwandle, KwaXimba. Uthe uma sekushushiswa umshayeli, akufanele asale ngaphandle umnikazi wemoto ngoba uyidedele yayothutha abantu eyibona ukuthi ayikho esimeni sokuba semgwaqeni. Leli tekisi kuthiwa belingekho ngaphansi kukasoseshini.

“Siphatheka kabi uma kushushiswa umshayeli yedwa, ngoba uma imoto kungeyami kufanele ngilandelele ukuthi isesimeni esikahle yini. Kufanele bobabili babekwe amacala okubulala, hhayi awokubulala ngokungenhloso,” kusho uKaunda.

Uthe unethemba lokuthi inkantolo izobenza ubulungiswa ishushise umshayeli ngendlela efanele. Uthe bewumnyango bazoqinisekisa ukuthi bayazikhipha zonke izimoto ezingekho esimeni.

UNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke uMnuz Joe Maswanganyi, naye obehambele umngcwabo, uthe maduze nje bazophasisa umthetho ozoqinisekisa ukuthi itekisi ebanjwe isebenza ingekho esimeni, umnikazi wayo uphucwa imvume yokusebenza.

Uthe ucwaningo lwabo luveza ukuthi, izingozi zidalwa ubudedengu okwenziwa abantu ikakhulukazi intsha engaqapheli uma ishayela.

Ubuye waxwayisa imindeni ngabameli abayizimpisi abahlala begaqele ukudla izimali zezinxephezelo zeRoad Accident Fund. Uthe imindeni izosizwa wumnyango, hhayi abameli. “Imali igcina ingafikanga kubantu abafanele, idliwe abameli.”

Lo mngcwabo ubuhanjelwe yizinkumbi zabantu nezikhulu ezahlukene. Phakathi kwazo bekukhona uMgcinimafa we-ANC uDkt Zweli Mkhize, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma obengusihlalo we-AU, iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede nabanye.

BEKUGIYA iZayoni zaseNyonini Mission ebezizungeza amabhokisi kushunqe uthuli emngcwabeni wabantu abangu-20 abashone engozini yetekisi KwaXimba ngeSonto eledlule Isithombe: SIBUSISO NDLOVU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.