Akakholwa osinde engozini enyantisayo

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - KHETHA SANGWENI

UBONGA uMdali owesifazane osinde engozini enyantisa igazi edlule nemiphefumulo yabantu abangu-20, KwaXimba ngeSonto eledlule.

UNkk Dingeni Jali (45), uthe nakuba elimele kabuhlungu kodwa uyambonga uNkulunkulu ngoba inyama isahlangene nomphefumulo.

UNkk Jali, obelandisa leli phephandaba ngokwenzeka ngosuku lwengozi, uthe wabona ubuchopho bomuntu ngamehlo. Uthe wayecabanga ukuthi obakhe.

Ubexoxa naleli phephandaba elele emzini womfowabo kuyo le ndawo.

Uthe ukwamfowabo ukuze bamnakekele ngoba izingane zakhe zincane.

“Angikaze ngiyibone into enje selokhu ngazalwa. Angazi ngisinde kanjani, ngilimele angikwazi nokunyakaza,’’ kusho uNkk Jali.

Uthe usola ukuthi imoto yaphelelwa amabhuleki, ngoba yayehla ingasalawuleki, bazama ukumncenga umshayeli ukuba ayibambe wangabaphendula.

“Ngisakhumbula kancane sikhala ubumaye, sibuza ukuthi ngabe isahamba ngakho yini

“Ngaphaphama abantu bembondelene phezu kwami sebeshonile. Sathathwa saphuthunyiswa ezibhedlela, ngenhlanhla ngasinda,’’ kusho uNkk Jali.

Uthe babeqashe imoto beya enkonzweni eThekwini. Eminye imibiko ithi babeya lapho kwakwembulwa khona itshe lelungu lebandla eMvini.

Uthe akazi nokuthi uzothathani ahlanganise nani njengoba zonke izindleko zasekhaya zibheke yena. Usole nesibhedlela ngokusheshe simdedele engekho esimeni esikahle.

Leli phephandaba lixoxe nomunye umndeni wakwaNdlovu kwaMhali, KwaXimba olahlekelwe amalungu amathathu kule ngozi. Elinye bekuthenjelwe kulona ngokondla.

UNksz Nhlanhlo Ndaba

(32) uthe bafe olwembiza abazi ukuthi ubani ozobheka umndeni njengoba kungasekho muntu osebenzayo.

Amalungu omndeni ashonile nguNksz Mhlophe Ndlovu (68), Nksz Thembeka Ndlovu (44) noZotha Ndlovu (5).

“Ngididekile ngoba izingane kufanele zigibele ziye esikoleni, asazi imali izophumaphi ngoba u-anti obenza konke

“Siyazibuza ukuthi bekonakelephi kuze kwehle into embi kanje endaweni,’’ kusho uNksz Ndaba.

Ikhansela lendawo, uMnuz Musa Mkhize lizwakalise okukhulu ukudabuka lathi lizizwa lilahlekelwe njengoba le nto ithathe amalungu omphakathi amaningi.

Ubonge uhulumeni nomasipala weTheku ngokusondela nosizo kulabo abakhahlamezekile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.