UMathonsi emacaleni okubukela phansi abeSACP

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - BONGAN HANS

OBENGUNOBHALA wenyunyana yothisha iSadtu KwaZulu-Natal, uMnuz Mbuyiseni Mathonsi, wethweswe amacala okubukela phansi abaholi benhlangano yakhe iSACP njengoba sebeze bathatha nesinqumo sokummisa.

Lokhu kuqinisekiswe yiPhini lesibili likanobhala uMnuz Msizi Nhlapho elithe usuku lokuqondiswa kobugwegwe kukaMathonsi lusazomenyezelwa.

UMathonsi umiswe enhlanganweni ngesonto eledlule, emva kokuxoshwa wuMnyango wezoLimo KwaZuluNatal, lapho kade eyinhloko ehhovisi likaNgqongqoshe uMnuz Themba Mthembu.

Uphiko lweNtsha lweSACP, iYoung Communist League, luthe luzomeseka uMthembu uma esebhekene noMathonsi ecaleni.

Unobhala we-YCL KwaZuluNatal, uMnuz Mlungisi Manana, usola ukuthi ngaphambi kokuba axoshwe uMathonsi, wapotshoza ulwazi oluthile lomnyango kwabezindaba, ngenhloso yokudicilela phansi igama likaMthembu njengongqongqoshe.

Uqhube wathi umkhandlu weSACP esifundazweni uthole ukuthi uMathonsi, wenze okungafanele ngesikhathi epotshoza ulwazi olushaya ungqongqoshe kwabezindaba.

UMthembu uphinde abe nguNobhala weSACP KwaZuluNatal, bebenaye uMathonsi esigungwini sekomiti eliphezulu.

Umthombo osemnyangweni ocele ukungadalulwa, uthe uMathonsi ulaxaze imisebenzi yakhe yasehhovisi likangqongqoshe, waqoma ukusebenzela emaqeleni engagunyaziwe.

“Ubephansi phezulu eya ezinhlakeni ze-SACP egxibha uMthembu njengongqongqoshe.”

Ekhuluma nabezindaba eThekwini kuleli sonto, uMthembu uthe uxoshe uMathonsi ngoba ulove isikhathi eside engamazisile, okudale izinkinga ehhovisi lakhe.

UMathonsi unqabe waphetha ukuphawula wathi uhlonipha iSACP.

Uthe ngeke akwazi ukukhuluma ngokuxoshwa kwakhe ngenxa yokuthi abameli bakhe bamatasa bafuna ukukuphonsela inselelo.

“Mathonsi ubenza umathanda enhlanganweni, wenze izinto eziningi ebezingehli kahle kuthina,” kusho uNhlapho.

UNhlapho unqabile ukuchaza amacala abekwe wona uMathonsi ngenxa yokuthi usaphenywa.

“Icala elikhulu elokufaka iSACP ehlazweni ngenxa yokuziphatha kwakhe,.”

UNhlapho uthe ukumiswa kukaMathonsi emva kokuxoshwa kwakhe emnyangweni, ngoAgasti 14 akuhlobene.

“Besilokhu siphezu kwalolo daba isikhathi eside ngaphambi kokuba amiswe,” kusho uNhlapho.

Maqondana nokuthi uMathonsi ubekhuluma kabi ngongqongqoshe ezinhlakeni zeSACP, uNhlapho uthe, ziningi izinto abaziphenyayo ngoMathonsi.

Uthe uma sesifikile isikhathi bazokwazi isifundazwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.