Ufisa ukuzibulala owakopolotwa amehlo

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - S’MANGELE ZUMA

UNCAMELA ukufa umlisa owakopolotwa amehlo wanqunywa umphambili namankwahla oLundi ngonyaka odlule.

UMnuz Siyabonga Ngema (26) waseDumaneni Olundi, ukusho lokhu ngemuva kokugwetshwa kukaXolani Mkhwanazi (26) obebhekene naleli cala.

Ugwetshwe iminyaka engu-15 yiNkantolo yesiFunda yasoLundi ngoLwesine.

Ngesikhathi kwenzeka lokhu, uMkhwanazi wayengumshayeli wenkampani yabangcwabi, Amathole Funeral Services.

UNgema watholakala eMame, Olundi elimele engenawo amankwahla, amehlo nomphambili. Kuvele ukuthi wayethathwe nguMkhwanazi nabanye bathi akabaphelezele baye KwaCeza. Endleleni kuthiwa babemgxisha ngomtshwala, bambhemisa nensangu.

Kuthiwa emva kokumsika izitho zangasese namehlo, bamgqema ngensimbi ekhanda, bamlaxaza bemshiya bethi ufile kanti uzotholwa ngabantu esaphila.

UNgema uthe uke afise ngisho ukuzibulala, ngoba ezibona esewumthwalo kunina (uNksz Mavis Ngema), omnakekelayo.

Uveze ukuthi ngisho esemotweni uye afikelwe wumcabango wokuthi aziphonse ngaphandle imoto ihamba ukuze afe.

“Babezenza abantu abangikhonzile kanti bangicabangela into embi kangaka. Benza konke bengisika izitho zangasese bangishaya maqede bangilaxaza eMame bezitshela ukuthi ngifile.

“Ipayipi lami lihlala ngokuphuma ngiphuthunyise esibhedlela. Angisakwazi nokuhlukanisa ubusuku nemini,” kusho uNgema.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe, uMkhwanazi waboshwa ngemuva kokuthi amaphoyisa ethole amehlo nesitho sangasese somuntu wesilisa efrijini lakhe.

Uyise omncane kaNgema ongathandanga ukudalulwa ngoba esabela ukuphepha kwakhe, uthe sibadumazile kakhulu isigwebo esinikwe uMkhwanazi.

Uthe kuyacaca ukuthi uMkhwanazi uzosheshe aphume, aqhubeke lapho egcine khona.

“Lo muntu bekumele abolele ejele. Sifuna nalaba abanye ababalayo nabo bajeze, ikakhulukazi ubasi wakhe athi wayemthumile.

“Asazi ukuthi kungani uNala (ongumnikazi wamakhaza) engakaze aboshwe. Kungenzeka ukuthi yingoba unemali.

“Sizwela ubuhlungu siwumndeni, ngoba uSiyabonga usephila kanzima, akasakwazi kuzenzela lutho, uchama nangepayipi,” kusho uyise omncane.

INZIMA impilo kuMnuz Siyabonga Ngema waseDumaneni oLundi owakopolotwa amehlo washumpulwa nesitho sakhe sangasese Isithombe: SITHUNYELWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.