Uvalo kosatshiswa ‘yisoka’alithole kuFacebook

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - S’MANGELE ZUMA

UTHUKA izanya owesifazane waseMpumalanga, eHammarsdale, okhala ngokugxunyekwa kwezithombe zakhe kuFacebook, maqede kwathiwa omaziyo amazise ukuthi izinsuku zakhe zokuphila zibaliwe.

UNksz Thabisile Ngubane (42) akasawucabangi uFacebook ngemuva kokuxabana ‘nesoka’ lakhe abesanda kuliqoma kuwona, kodwa bengakaze babonane.

Uthe baqale ukujola ekupheleni kwenyanga edlule, ngemuva kokududuzana njengoba yena ahlukanisa nomyeni wakhe ngo-2015 kanti umlisa washonelwa ngunkosikazi ngonyaka odlule.

‘Isoka’ okuthiwa liyiphoyisa, liphikile ukuthi bayathandana, lithe yisalukazi asithole kuFacebook abekade beduduzana naso.

Ngokusho kukaNksz Ngubane konakale ngokuthi aye estokfeleni ngeSonto eledlule, ashiye ifoni yakhe kanti kuzofika umngani wakhe angene kuFacebook azenze yena.

“Umngani wami ungene kuFacebook wami wabona umbhalo owawufakwe yilo bhuti oyiphoyisa esitholane naye kuFacebook. Lo bhuti wayegxeka umuntu ongasazi isiNgisi, kanti umngani wami uzocasulwa yisenzo sakhe. Umngani wami washiya angalazi ekhasini lalo bhuti, okwasusa ingxabano. Bagcine sebethukana, kusetshenziswa uFacebook wami ngingazi. Ngibuye estokfeleni ntambama zibondiwe,” kusho uNksz Ngubane.

Uthe uzwe ngale ngxabano ngesikhathi lo bhuti esemfonela emsabisa ngokumbulala.

“Ngathi ngimchazela ukuthi akumina, kodwa wangezwa mshini. Ngezwa ngabangani bami sebethi, umngani walo bhuti ufake izithombe zami kuFacebook, wathi uma nimbona lo gogo nimtshele ukuthi sisezithendeni zakhe, sizombulala. Ngavele ngethuka ngaphuma nakuFacebook. Angisawucabangi indlela engihlukumezeke ngayo. Kwalowo mngani usevele wathutha endaweni, kuthiwa usehlala eNewcastle,” kusho uNksz Ngubane.

‘Isoka’ ebeliveva yintukuthelo, lithe akekho umuntu ongathatha ifoni yomuntu angene kuFacebook wakhe, aze aphendule nabangani bakhe.

“Wangihlambalaza lo muntu wesifazane. Mina ngangizidlalela ngikhuluma ngosisi ongasazi isiNgisi. Sasizihlekela nabangani bami, yena wafika waphuma eceleni.

“KuWhatsapp uthe mina ngabulala umkami ngengculazi. Le nto ingigulisile, yacasula nabangani bami, omunye wabo waze wathatha izithombe zakhe wazifaka kuFacebook, wacelwa ukufuniswa yena. Awukwazi ukusho izinto ezinjena ngomuntu ongamazi. Ngifisa ngisho nokumthola ngimfundise abantu,” kusho ‘isoka’.

AKASAWUCABANGI uFacebook uNksz Thabisile Ngubane waseHammarsdale osola umngani wakhe ngokumqhatha nesoka elisha lakuFacebook athe selisabisa ngokumbulala Isithombe: FACEBOOK/ THABISILE SOMAHHASHI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.