Ngifisa uToyana aqeqeshe amaProteas

Isolezwe ngeSonto - - IMIBONO -

MHLELI: Kwelakho iso lesizwe elingashayi eceleni, ngivumele ngizwakalise ilaka lami nokukhathazeka kwami ngokwenzeka eqenjini lethu lesizwe lekhilikithi amaProteas.

Ngicikwa ibhodi lakuleli lekhilikithi ngokuhambisa kancane izinhlelo zokuqokwa kozoqeqesha amaProteas.

Futhi nje isikhathi sihambile angazi ukuthi yini esibambile ngoba uRussell Domingo kwakumele ngabe kade bamkhomba eza ngayo emva kokwehluleka ukuwina iChampion Trophy.

Ibhodi lakuleli nje likhombisa ukwehluleka nokungasihloniphi singabathandi bekhilikithi.

Bese ngifisa ukuthi lowo mqeqeshi abazomqoka bemeseke kakhulu futhi lowo kube umqeqeshi ozokwazi ukwengeza abadlali abaneminyaka engaphansi kuka- 20 ikakhulukazi emidlalweni kashonalanga (test match).

Mina ngingafisa baqoke uGodfrey Toyana weHighveld Lions ngoba ungumqeqeshi osezuze izinto eziningi kwikhilikithi yakuleli.

Ube nesandla empumelelweni yeqembu labangaphansi kuka-20 ubudala ngenkathi linqoba iNdebe yoMhlaba eDubai ngo-2012.

Uke wawinisa amaLions kuma-T20 waphinda wakhiqiza abadlali abasezingeni lomhlaba abafana noKagiso Rabada, Aaron Phangiso naboThami Tsolekile ukukha phezulu.

Naye uGary Kirsten bengingafisa noma aqokwe uma efakile kodwa ngoba akafakanga kulunge yena uGodfrey

Toyana Nandosi Sangweni

KWACEZA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.