Imithetho evikela ohlukunyeziwe

Isolezwe ngeSonto - - IMIBONO -

UNGOTI wezindaba zabasebenzi osenkampanini i-Ofentse HR Specialists UMnuz

Thsepo Lephoi, uthe uma umsebenzi etholakale esecaleni lokuhlukumeza ngokocansi emsebenzini ukhonjwa indlela.

“Kuqala ngezinto ezifana nokuthinta, ukuncokola ngocansi noma ukunakashela uzakwenu umcela ukuba nizikhiphe nobabili,” kusho uLephoi.

“Umthetho uthi lowo ohlukunyezwayo kufanele akuzwakalise kumhlukumezi ukungenami kwakhe, uma eqhubeka kufanele abike udaba kubaphathi noma ehhovisi lakwaNdabazabantu (HR),’’ kusho uLephoi.

Uthe izinkampani eziningi zinayo imithetho evikela abasebenzi ukuthi bangahlukunyezwa ngokocansi endaweni yokusebenzela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.