UWilliam Lehong akasekho kwiMetro FM

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA - DELI MNCWABE

LIGCINE ligqashukile igoda phakathi komethuli weTop 40 neMetroFM.

UWilliam “Black Chinese Guy” Lehong obengumethuli wohlelo lwezingoma ezivelele ngoMgqibelo ekuseni kwiMetro kuthiwa ngeke esazwakala kulo msakazo.

Ubengena ngo-10 ekuseni aqede ngo-2 ntambama. UWilliam ubebambisene noNtombi Ngcobo-Mzolo ekulwethuleni.

Izindaba zokuhamba kwakhe ziqinisekiswe ngokhulumela iSABC uMnuz Kaizer Kganyago.

Uthe uWilliam ubenezinkinga ezithile nesiteshi nokwenze ukuthi iSABC igcine ingasivuselelanga isivumelwano sokusebenza abe naso nabo.

“Kuyiqiniso akaseyona ingxenye yeMetro FM. Simfisela inhlanhla lapho eya khona,” kusho uKganyago.

UWilliam ubengagcini ngokushayela lolu hlelo, kodwa ubephinde asize ngokubambela abanye abasakazi uma bengekho emsebenzini. Ngaphandle kwezinhlelo, izwi lakhe beliphinde lizwakale kwezemidlalo nasekufundeni izindaba.

Kamuva nje ubengezwakali emoyeni nokuyinto eshiye abalaleli bedidekile.

Ukuhamba kukaWilliam kumenze wabalwa nenqwaba yabasakazi abanamava abashiye esikhathini esifushane kulo msakazo.

Phakathi kwabo kubalwa u-Unathi Msengana, Glen Lewis, Bonang Matheba, Sphectacula and Naves (Kings of The Weekend),

Tbo Touch, Robert Marawa nabanye.

Kulezi zinsuku uWilliam ubonakala kakhulu ethula ezemidlalo ezimbangini zeSABC, i-eNCA.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.