Ukhiphe i-albhamu exubile uDicksy

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA - S’MANGELE ZUMA

S’MANGELE ZUMA UMETHULI wesimo sezulu kwiSABC 1, ophinde abe ngumculi we-reggae, uDicksy Mdlalose usekhiphe i-album yakhe yesithathu ebizwa ngeDicksy Mdlalose Reloaded Lesson 3.

UDicksy ongowokudabuka eNkongolwane eVryheid, uthe kulokhu uxube nezinye izinhlobo zomculo okubalwa i-raggae, Afropop ne-house ukuheha abathandi bomculo wakuleli.

“Kunzima uma ungumculi we-reggae kuleli ngoba iwumculo abantu abaningi abangawunakile. Uyabona nje mina ngidayisa kakhulu kumazwe angaphandle kunalapha ekhaya. E-Uganda, Zimbabwe naseMalawi bayazifela ngomculo wami. Nginesiqiniseko sokuthi abantu bazoyithokozela, ngoba inezingoma zombhengo. I-album isiyonke inezingoma eziyishumi iningi lazo liphethe umyalezo wothando,” kusho uDicksy.

Uthe nakulokhu uzibambele yena mathupha, njengoba eziqophele yena enkampanini yakhe iMoonshine Music, ayisungule eminyakeni emihlanu edlule.

“Okwamanje kuseyimina ngedwa umculi ongaphansi kwenkampani yami, njengoba ngisabheke ekutheni kuqale kusimame mina ngaphambi kokufukula abanye abaculi. Kunzima khona, kodwa kudinga ukuthi umuntu azimisele. Angifuni ukubheka umsebenzi wami waseSABC kuphela ngoba ngeke wazi ukuthi umqashi angakuxosha nini. Ngibuye ngigxile nasebhizinisini lami iMoonshine Hospitality Staffing Services, elihlela imicimbi,” kuqhuba uDicksy.

Ephetha uveze ukuthi kwamsiza kakhulu ukuqunga isibindi ayohlala emgwaqeni eGoli izinyanga ezine ngesikhathi eqeda ukubhala u-matric ngo-2000 ngoba lokho kwamcabela indlela eya empumelelweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.