Akaqine ukhakhayi uJomo weBay FC

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

UJOMO Biyela ongumphathi weRichards Bay FC edlala kuFirst Division kusamele aqine ukhakhayi.

NgoLwesihlanu badliwe yiCape Town All Stars wafuna ukukhala ebhanoyini.

Ubengafuni ngisho nokuhlangana nabadlali bakhe. Bebengakhulumisani ngisho nomqeqeshi uRoger Sikhakhane. Bekungathi abazani.

Ngicela wehlise umoya Biyela, abafana basahlangana. Kuzomele eminye imidlalo ungayihambeli, uma ungathandi ukudliwa kweqembu.

Sizobeseka abafana kodwa ngeke sikwazi ukudabukela wena usudabukisa.

UJOMO BIYELA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.