UKomphela udinga iminyaka engu-27 ukuwinisa iChiefs

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

ENINGIZIMU Afrika bathathu abantu engikholwa ukuthi ababulali ubuthongo kulezi zinsuku, wumqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve “27 Years In Jail” Komphela, uMengameli uJacob Zuma nomndeni wakwaGupta.

Abalandeli be-ANC abanye bathi abamfuni uZuma namaqembu aphikisayo athi akashiye.

UKomphela yena abalandeli beChiefs bathi akahambe ngoba udlisela iqembu. Kuleli sonto usanda kuzifanisa noMengameli wokuqala wentando yabantu uNelson Mandela.

Ethi wahlala ejele iminyaka engu27 waphuma waba ngumengameli.

Ubechaza ukuthi naye akanikwe ithuba. Asazi noma naye ufuna iminyaka engu-27 yini ukuze awinise iChiefs isicoco. AbakwaGupta kuthiwa abahambe.

USTEVE KOMPHELA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.