Kuzophela ukwazana kuma-Idols

Isolezwe ngeSonto - - EZEMISAKAZO - DELI MNCWABE

KUZOPHELA ubungani uma sekubhekenwe ngeziqu zamehlo kubaculi abazoncintisana ohlelweni oluvumbulula ikhono lomculo i- Idols South Africa.

Uhlelo oludlala kuMzansi Magic ngo-5 ntambama, luzoqhatha abawu16 abasele.

Kusukela namuhla izinga lokuqhudelana nengcindezi kuzonyuka njengoba wonke umuntu ongenele esebona ukuthi sekuseduze phambili.

Yize bebaningi futhi beqhamuka ezifundazweni ezehlukene, kodwa iKwaZulu-Natal ibukeka ithwelwe ngeqoma njengokwejwayelekile. Kulokhu bahlanu abaqhamuka kuyo. IKwaZulu-Natal yaba ngeyokuqala ukuba nomuntu omnyama ukunqoba umqhudelwano ngo-2012 ngoKhaya Mthethwa.

Ngaphambi kukaKhaya, uJason Hartman waba ngowokuqala owanqoba evela khona walandelwa nguVincent Bones kanti bobabili bavela eMgungundlovu. Nyakenye lo mncintiswano unqotshwe nguNoma Khumalo naye ongowaseMgungundlovu.

Ababhekwe ngabomvu abavela eKZN nguMthokozisi Ndaba wakwaMashu, uPhindile

“Phindy” Dube waseManzimtoti, uMinenhle “Minnie” Ntuli waseNew Germany, Nomthandazo

“Tee” Xaba waseSouthgate noGugulethu “Gugu” Zulu waseHoneydew.

IPitoli imelwe nguFaith Msibi, Nokuthula “Hadassah” Makhoba, Lindo Sithole, Bothlale Phora, Thokozile Ndimande, Thapelo Esau noBasetsana Kolwane.

Abanye nguBlessed Mlangeni waseNelspriut, Christo Daniels wasePort Elizabeth, Gabi du Plessis noPaxton Fielies baseKapa.

Namuhla kuzocula abayisishiyagalombili izingoma abazikhethelwe ngabadidiyeli.

KUZOSHIYANA ukwenza kulaba baculi abangu-16 abazoncintisana ngenhloso yokunqoba kuma- Idols SA akuMzansi Magic Isithombe: IDOLS SOUTH AFRICA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.