Ugcine ekhokhelwe obeselinde amateku kaMampintsha umlibe

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - S’BU MASANGO NOS’MANGELE ZUMA

USEHAMBELA phezulu owesifazane waseMpangeni, obekweletwa wuMampintsha imali yamateku.

UNksz Lindiwe Dube uvuswe wumqhafazo wokungena kwemali engu-R1 600 abeyikweletwa wuMampintsha.

NgeSonto leli phephandaba libhale udaba lukaNksz Dube obezwakalisa ukudumala ngokubanjiswa udonga ngamateku ayewafunela indodana yakhe engumdansi.

“Bese nginezinyanga ezingu-9 ngifuna bangikhokhele imali yami ngoba bahluleka ukungitholela amateku kaMampintsha i-Original Shandis. Umfana wami ubewathanda. Ngafaka imali ngiwathenga, kodwa ngangawothola. Imali bebengasafuni ukungikhokhela.

“Ngize ngabikela Isolezwe ngeSonto, okuyilona elingisizile ukuthi ngibuyelwe imali yami. Ngiyabonga kakhulu kwiSolezwe ngeSonto ngabe angikakayitholi namanje.”

Uthe uvukele ezitolo wayothenga amateku akwaNike ethengela umfana wakhe.

“Wayethanda kakhulu akaMampintsha, kodwa neNike (Air Force) ubeyithanda uma engatholakali akaMampintsha. Uyawathanda nalawa engimthengele wona. Kumele abantu abamnyama uma benza ibhizinisi balihloniphe futhi bathembeke.

“Uma ngikhiphe u-R20 ngithenga into ethile, uma sengingayitholi kumele ngibuyiselwe kungashiwo ukuthi mncane uR20, ngoba ungaba mncane kuwena kodwa kowukhiphile mkhulu.”

Ukhuluma kanjena uNksz Dube yingoba uDJ Boonu osebenzisana noMampintsha ngeledlule wathi uLindiwe usengaze abakhiphe ephepheni ngo-R1 600.

Isitolo sikaMampintsha ebesiku-8 Morrison eThekwini sesiseNewlands West, sithuthe ngoJuni.

Isolezwe ngeSonto lifike kukhala ibhungezi, kwaze kwasiza osebenza esitolo ebesingumakhelwane, oveze ukuthi sesithuthele eNewlands West.

ENewlands West sise-Internet Cafe, izingubo zabo zifakwe emabhokisini. Ngokusho komunye wabasebenzi abasawadayisi amateku akhanyayo ngenxa yokuthi aba nezinkinga.

Efonelwa uDJ Boonu uvele wacula wathi: “Ushidi lowo, ushidi lowo. Awulazi lelo culo?”

Uthe into ezosiza ukuthi uNksz Dube athumele Isolezwe ngeSonto i-account number yakhe, liyidlulisele kuyena.

UNksz Dube uwuthumelile umqhafazo wokungena kwemali kuleli phephandaba eqinisisekisa ukuthi ifakwe i-Original Shandis.

Ebuzwa ngesitolo uthe akafuni ukuphawula ngaso ngoba akayifuni into ezomfaka ekukhulumeni.

Imizamo yokuthola uMampintsha ayiphumelelanga ucingo lwakhe beluvaliwe.

SIKE sahanjelwa ngisho nanguDJ Black Coffee isitolo saMampintsha i-Original Shandis sisanda kuvulwa

ISITOLO sikaMampintsha i-Original Shandis ngesikhathi sisazinze kunamba 8 Morrison eThekwini

Izithombe: FACEBOOK/ORIGINAL SHANDIS

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.