Isililo ngoChillies wodumo odutshulwe amaphoyisa

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - S’MANGELE ZUMA

SIKHULU isililo ngokubulawa kobengumgibeli wezithuthuthu eqenjini Amabhubesi Motor Cycle

Club okuthiwa udutshulwe ngamaphoyisa eMlaza kwa-B ngoLwesithathu ebusuku.

UMnuz Sandile ‘Chillies’ Bhengu (37) obehlala eMlaza kwa-F, ushonele esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial ngemuva kokuphuthunyiswa ngabangani bakhe okuthiwa bamthathe ngenkani eqashwe ngamaphoyisa ngemuva kokudutshulwa.

Ekhasini laMabhubesi kuFacebook isalokhu ingene njalo imiyalezo yokuzwelana naleli qembu ngokulahlekelwa yilungu lawo. NgoLwesine leli qembu libhale ekhasini lalo lazisa abalandeli babo ngokudlula emhlabeni kukaBhengu. Bazwakalise ukushaqeka nokudumala ngokushona kwakhe. Bathi bazohambela umndeni ukuyobhonga emswaneni.

Kanti abangani bakhe kuthiwa bayaveva yintukuthelo njengoba kuthiwa udutshulwe ngamaphoyisa esezinikela futhi engahlomile. Omunye wababesondelene naye ocele ukungadalulwa, uthe uBhengu ubanjwe ngamaphoyisa ezama ukukhipha i-tracker emotweni ebiyebiwe.

“Kunamajita amabili acele ukuthi awakhiphele i-tracker emotweni entshontshiwe. Kuqhamuke amaphoyisa uChillies esematasa, adubula ebhekise kuye. Kuthiwa bamdubule esephakamise izandla, ezinikela. Ngemuva kokumdubula ahlale naye isikhathi eside esanyakaza elinde i-ambulensi. Kuze kwafika abangani bakhe bamthatha ngenkani ekakwe ngamaphoyisa, bamphuthumisa esibhedlela. Ufike washonela esibhedlela,” kusho umthombo.

Uthe amaphoyisa asuse umsindo ngesenzo sawo ngoba akuzange kulalwe ngosuku ashone ngalo, abangani bakhe beshaya izidudla ngezimoto.

NgoLwesihlanu bekusabalale imyalezo ezinkundleni zokuxhumana ethi amaphoyisa azibizele impi njengoba, “amaginsa” aseMlaza nezindawo ezakhele iTheku esabisa ngokumphindiselela uBhengu.

Kuxwayiswe nabantu abahlala eChatsworth naseLamontville ukuba baqaphele, ngoba kungahle kube phezulu ukwebiwa kwezimoto, kuze kube kufika usuku lomngcwabo wakhe ongempelasonto.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe sekunyuswe isibalo samaphoyisa asebenzela eMlaza ngemuva kokusabalala kwemiyalezo esabisa ngokusuka kothuthuva ezinkundleni zokuxhumana.

“NgoLwesithathu ngo

8:30 ebusuku amaphoyisa abona imoto iToyota

Corolla esagolide ime eduze komgwaqo. Abone owesilisa ekhipha into kuyo le moto. Ame eduze kwemoto lapho ezithole esedutshulwa.

Abe esedubula nawo ukuzivikela. Imoto ibalekile yama ebangeni elingu-100 metres. Abasolwa ababili bakwazile ukubaleka, oyedwa ubedubulekile esiswini. Ngesikhathi amaphoyisa elinde i-ambulensi kuqhamuke iqulu labantu abalinganiselwa ku-150 bamthatha ngenkani bamphuthumisa esibhedlela ngemoto,” kusho uGwala.

Uthe imoto ebihamba abasolwa ibintshontshwe eChatsworth kanti abasolwa ababili basagcwele amathafa.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwamaBhubesi ayiphumelelanga ucingo lukaMnuz Sithembiso Ngwenya belukhula lungabanjwa.

BAYAVEVA abangani bomgibeli wezithuthuthu uMnuz Sandile ‘Chillies’ Bhengu ngemuva kokuthi edutshulwe ngamaphoyisa washona eMlaza ngoLwesithathu ebusuku kusolwa ukuthi ubekutakuta i-tracker emotweni eyebiwe

Isithombe: FACEBOOK/AMABHUBESI MCC

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.