UPrince Kaybee uzonandisa kuma- Idols SA

Isolezwe ngeSonto - - EZEMISAKAZO - DELI MNCWABE

UKUNANDISA kukaPrince Kaybee kungase kusize kwehlise uvalo nokudlala kwamadolo kubaculi ababhekwe ukuthi bancintisane esiqeshini sanamuhla sohlelo i- Idols South Africa akuMzansi Magic.

UPrince Kaybee uhlabane ngendondo yengoma yonyaka koweDStv Mzansi Viewers’ Choice Awards, ngengoma yakhe ethi Charlotte emcimbini obungoMgqibelo odlule.

Kuzoqala kunandise yena, alandelwe ngabazohlwaya inhlanhla kulo mncintiswano abayisishiyagalombili abasele.

Izingoma abazozicula zimi kanje: uMthokozisi Ndaba ( I Wanna Know kaJoe Thomas), Basetsana Kolwane ( Umthwalo kaZahara), Gabi du Plessis ( Nobody Love kaTori Kelly), Nokuthula “Hadassah” Makhoba ( Golden kaJill Scott), Minnie Ntuli ( Vulindlela kaBrenda Fassie), Thapelo Esau ( Love and War kaTamar Braxton), Nomthandazo “Tee” Xaba ( Qinisela kaKelly Khumalo) noBotlhale Phora ( I Can’t Feel My Face kaWeeknd).

Laba bazoshaya izingoma ze-Afro pop, neo-soul ne-pop.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngeSonto eledlule ithimba lokuqala labayisishiyagalombili lishiye ababukeli bebheme bakholwa.

Phakathi kwabagile izimanga kwachazeka amajaji angoRandall Abrahams, Unathi Msengana nelivakashile uDonald Moatshe, kubalwa.

UZOSHAYA adume ngazo enandisa ngengoma esematheni kulezi zinsuku ethi Charlotte uPrince Kaybee uma esecula kuma- Idols SA kuMzansi Magic

Isithombe: FACEBOOK/ PRINCE

KAYBEE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.