Owesimame ucishe wadabula amafu ngenxa yesitayela socansi abesithanda

Isolezwe ngeSonto - - EZINGAJWAYELEKILE -

KWALE kancane ashone owesifazane obezitika ngocansi nomyeni wakhe ngenxa yesitayela abebesenza esigcine silimaza isibeletho sakhe.

Owesifazane waseChina oteketiswa ngelikaXiao Qing (26) uphuthunyiswe sekuvalwe amehlo esibhedela ngemuva kokukhala ngobuhlungu kwesingezansi kuyena.

Ngokwemibiko, uXiao uqale ukukhala ngezinhlungu ngemuva kwenkonzo yasekameleni ebishubile abeyenza nomyeni wakhe.

Kunokuba behle ubuhlungu esephuze amaphilisi ezinhlungu, uthi buvele banyuka. Ungeniswe esibhedlela iHunan Provincial People’s Hospital, maqede waphuthunyiswa ukuyohlolwa nge-ACT Scan. Kutholakale ukuthi isibeletho sakhe sithinteke kabi, nokudale ukuthi ophe kakhulu.

UDkt Huang Mei uthe lo wesifazane akakhulelwe kodwa kunegazi nokusaketshezi okuningi okusendaweni engafanele kwesingezansi sakhe.

Uchaze lesi simo njengesidalwa yizinto ezimbili kowesifazane. Okokuqala kungaba wukopha kakhulu uma owesifazane esesikhathini noma wukuya ocansini kakhulu nokungadala ukuthi kuze kuthinteke isibeletho.

UXiao ogcine eluleme uthe njengoba kade beya ocansini nomyeni wakhe, besekuphele izinyanga eziyisithupha bagcina ukuqhatha izilwane sebekhumbulene.

– The Daily Mail

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.