IPirates iphoxekile ngokushweba kwayo ukuthola u-Obiozor

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - MALIBONGWE MDLETSHE

IHLULEKA nawukuchaza i-Orlando Pirates ngokuphoxeka ebhekane nakho ishweba umgadli waseNigeria uChristian Obiozor, obuyele ekhaya kwiFC Enyimba yize eZimnyama bese zimethulile kwi-website yazo.

Ngemuva kwamasonto amabili u-Obiozor ethuliwe ubuyele eNigeria kwavele nemibiko ethi yi-Enyimba efake unyawo lwedada isizama ukuzixebulela umkhomo kwiPirates.

Imibuzo ebilokhu ibhekiswa kwiPirates ngo-Obiozor ubelokhu eyivika uFloyd Mbele oyisikhulu sePirates ezeseka ngokuthi alikavalwa iwindi lokudayiselana abadlali. “Yize simethule ngokukhulu ukuzethemba u-Obiozor [bambhadeke kwiwebsite yeZimnyama bemncoma ngokuboniswa inethi] kodwa kube nezithiyo endleleni nokuyizo ezigcine zime endleleni yethu yokumsayinisa kuleli windi,” kusho uMbele.

Ukubalula kukaMbele ukuthi bahlulekile “ukumsayinisa kuleli windi” kushiye isithombe sokuthi abakamdikili lo mgadli.

“Ziningi izinto okufanele sizibheke uma sisayinisa umdlali nokwenza lokho [isinqumo sokuduba ukuzama ukuphinda bamsayinise u-Obiozor ngelinye iwindi] kungabi lula. Njengamanje [indaba ka-Obiozor] ayikho eqhulwini lezinhlelo zethu,” kusho uMbele.

Ukuhluleka kwePirates ukuthola umgadli kuyibeka esimeni esicishe sifane neseChiefs nayo enenkinga yabagadli kwazise inoBernard Parker noGustavo Paez kuphela abayizethenjwa.

URyan Moon no-Emanuel Letlotlo umqeqeshi uSteve Komphela usakhombisa ukungabethembi.

IPirates yona isele noThamsanqa Gabuza kubagadli abanamava e-Absa Premiership.

UThobela Sikhakhane akukacaci noma usazoqhubeka ayibambe kwiMultiChoice Diski Challenge yini.

UTendai Ndoro, oyishayele amagoli angu-13 ngesizini edlule, imdayise eqenjini laseSaudi Arabia i-Al Faisaly.

Nakuba bekungazelelwe ukudayiswa kukaNdoro kodwa akubakhalisanga abalandeli bePirates kwazise yize eqale kahle umgadli waseZimbabwe eshaya amagoli amathathu ngomdlalo wokuqala kodwa kumangazile ukwehluleka kwakhe ukubhakuzisa inethi ngesigamu sesibili sesizini edlule.

KwiKaizer Chiefs izinkinga azigcini phambi kwezinti kodwa nakhona ngqo ezintini kumnyama ngemuva kokudlula emhlabeni kuka-Alex Revoredo obepheka onozinti.

FLOYD MBELE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.