Uzozitholela ikhaya elisha kwiPatinum Stars uMonama

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - MINENHLE MKHIZE Ebika eseGoli

UZOZITHOLELA ikhaya elisha kwiPlatinum Stars uRaymond Monama obegijima kuRoyal Eagles.

Lezi zindaba zitshelwe

Isolezwe ngeSonto yisikhulu seDikwena uSenzo Mazingiza ngesikhathi elumana indlebe naleli phephandaba emahhovisi ePremier Soccer League ngoLwesihlanu emini.

UMonama ubezicija naleli qembu ngemuva kokushiya i-Eagles. “URaymond sizomsayinisa ngesonto elizayo. Usejime nathi isikhathi eside. Ithimba labaqeqeshi leneme ngelikubonile yingakho lithathe isinqumo sokuthi lifuna ukumsayinisa. Ungumdlali engicabanga ukuthi uzokwenza umehluko eqenjini. Asinayo ingcindezi yokuthi simbhalise namuhla (esho ngoLwesine) ngoba vele alikho iqembu angaphansi kwalo,” kusho uMazingiza.

UMonama ubevutha engabaselwe kwi-Eagles ngesizini edlule. Ubebalwa nabadlali abashaye amagoli amaningi waphinde waba nesandla ekutheni uSedywin George ahlohle inqwaba yamagoli.

IDikwena ayiqalanga kahle emidlalweni ye-Absa Premiership. Leli qembu alikaze liwine selokhu kuqale isizini.

Kowokuqala iDikwena ithelwe othulini yiMaritzburg United ngo 2-0 kwathi kowesibili yaxetshulwa yiCape Town City ngo 3-1.

Leli qembu labuyisa uBongi Ntuli osemabhukwini eMamelodi Sundowns. UNtuli usebolekiswa okwesithathu kuDikwena.

Nangesizini edlule ubebolekiswe kuleli qembu. NgoLwesihlanu ubesemahhovisi ePSL ezoqedela yonke into.

IPlatinum Stars ibuya ngeSuperSport United emdlalweni ye-Absa Premiership.

NgoSepthemba 12 izodudulana neSuperSport United eLucas Moripe Stadium.

Kulo mdlalo izobe ithungatha amaphuzu ayo amathathu okuqala kule sizini ka-2017/18.

IDikwena ike yamataniswa nomgadli weMamelodi Sundowns u-Abdul Fiston Razak.

“URazak asikaze simfune. Umuntu ebesimfuna nguBongi Ntuli futhi sijabule ukuthi simtholile,” kusho uMazingiza.

Leli phephandaba lihabule ukuthi iDikwena ikhale ngezindleko zalo mgadli yingakho igcine engamsayinisanga.

Imi kanje imidlalo yeNFD yonke eqala ngo 3 ntambama NgoMgqibelo: Royal Eagles v Stellenbosch (Harry Gwala Stadium); Pretoria University

FC v Highlands Park (ABSA

Tuks Stadium); Richards Bay v Mthatha Bucks (Richards Bay Sports Stadium); Ubuntu Cape Town v Super Eagles (NNK

Rugby Stadium); Tshakhuma

Tsha Madzivhandila v Jomo Cosmos (Thohoyandou Stadium); Mbombela United v Real Kings (Kanyamazane Stadium)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.