Uyaqhubeka umbango ngoBrockie we-United

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - MINENHLE MKHIZE Ebika eseGoli

UYAQHUBEKA umbango ngomgadli weSuperSport United uJeremy Brockie yize selivaliwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali.

UBrockie ubefunwa uthuli yiMamelodi Sundowns. Uze wafaka isicelo sokuthi akhululwe.

UBrockie usanda kuvuselela inkontileka yakhe ngeminyaka emithathu neSuperSport njengoba esefuna ukushiya.

Isikhulu esiphezulu kwiSuperSport United uStanley Matthews sisabisa ngokumangelela iSundowns ngokukhuluma nabadlali bamanye amaqembu ekubeni besanezinkontileka.

“Kunomqulu onemithetho esilawulayo. Ngifuna ukusho ukuthi ngicela nilulandele kahle lolu daba ngoba sizofaka isikhalo kwiPremier Soccer League uma kuvalwa iwindi ngokuziphatha kweSundowns,” kusho uMatthews.

ISundowns igcine ihlulekile wukuthola u-Aubrey Ngoma noPhakamani Mahlambi. ULebogang Manyama ugcine ephelele eTurkey.

“Asikwazi ukuhlala sisonge izandla ekubeni umqeqeshi weqembu elithize efonela abadlali bethu. Uxoxa ngezimfuno zabadlali ngaphandle kwemvumo yethu. Siphelile isikhathi lapho amaqembu enunusela abadlali ngetshe lemali ngoba ethembe ukuthi izikhulu zizoconsa amathe bese zidansela isiginci sawo. Sonke sifuna ukuwena izicoco futhi sakha amaqembu aqinile. Akudwebi isithombe esihle ukuthi kunamaqembu cishe ayisikhombisa abhekene nenkinga yabadlali abafuna ukuteleka,” kusho uMatthews obevutha engabaselwe.

Umqeqeshi weSundowns uPitso Mosimane uvumile ukuthi uyaxoxa nabadlali bamanye amaqembu futhi wakusho kwagcwala umlomo ukuthi akanavalo ngezinsongo zikaMatthews.

“Bonke abadlali esibafunayo siyazifaka izicelo zokubathenga. Inkinga wukuthi abantu bathanda ukubanga umsindo. Vele kubukeka kamnandi kwabezindaba. Kuhlale kuyinto efanayo lapho abantu bethi sishela abadlali babo esithe. Umdlali uzomsayinisa kanjani ungazi noma uyafuna yini ukukudlalela. Uma ucabanga nje iBarcelona

(yase-Spain) ikhulumile noDembele (Ousmane) ngaphambi kokuthi iqale izingxoxo naye neqembu lakhe? Uzokwenzenjani uma uthola ukuthi akathandi ukukudlalela? Kwenzekile phakathi kwe-Arsenal neChelsea e-England. Amaqembu abesevumelene kodwa u-Alex OxladeChimberlain wanqaba. Kubayihlazo ke uma sekukanjalo,” kusho uMosimane.

ICape Town City nayo yake yasabisa ngokuthathela iSundowns izinyathelo zomthetho ngokushela uNgoma kodwa kwagcina kuphelele emoyeni.

“Uma ufuna umdlali kumele uqale ukhulume naye. Ngesikhathi iChiefs ifuna uRama (Ramahlwe Mphahlele) uma ucabanga abaqalanga bakhuluma naye? Bavele baqagela nje ukuthi uRama uzosidlalela nje, uzovele ayeke ithuba lokuyodlala kwiCaf Champions League azodlala kubona. Nakanjani bakhuluma naye. Yingakho nami ngiqale ngakhuluma noLebese. Uzoza kanjani la uma singakhulumi naye kuqala? Yingakho ke abantu bethu sidunga imiqondo yabadlali babo. Uma ufuna umdlali kumele ukhulume naye. Kumele umbuze ukuthi uyathanda yini ukuzongidlalela. Ngingahamba ngiyofaka isicelo sokuthi uzodlala kithina? Avume bese uyofaka isicelo,”

kusho

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane okholelwa ekutheni umdlali kufanele ukhulume naye ngaphambi kokuthi umsayinise

Isithombe: BACKPAGEPIX

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.