Aphoxekile amatshitshi ngokhaphethi ka-R480k

Isolezwe ngeSonto - - UMKHOSI WOMHLANGA - KHETHA SANGWENI EKwaNongoma

SIKHULU isililo nentukuthelo ematshitshini esifunda iTheku ngokhaphethi wokulala eziwuqashelwe yilo mkhandlu nodle isamba sika-R480 000.

Lezi izintombi bezithukuthele ziqhuma emuva kokuthi kufike ukhaphethi ofana nowokubeka izinyawo emotweni.

Amatshitshi azwakalise okukhulu ukuphoxeka ethi ashiye izimpahla zawo zokulala ngoba ayethenjiswe lo khaphethi.

Elinye itshitshi elihola izintombi zaseMlaza, uNksz Buyi Ncayiya (26), lithe baqale bacikwa ukuthi lo khaphethi ulethwe ngezintatha zangoMgqibelo kade bewulindile bebhuquza enhlabathini ngoLwesihlanu ebusuku.

Lithe lo khaphethi awubasizanga ngalutho, bayafana nabebelele phansi ngoba bavuke izinqulu zingavumi.

“Siphoxekile kakhulu umasipala wethu usenzele phansi. Basenzelani isethembiso abangeke basigcine.

“Sishiye zonke izinto sazi ukuthi sibekelwe konke,” kusho itshitshi eselihambe lo mkhosi iminyaka engu-12.

Elinye itshitshi lixoxe naleli phephandaba, nalo belikhala esifanayo lithi lidumele.

“Umasipala kufanele uchaze kabanzi ukuthi iyephi imali ngoba le yanto ebesilele kuyo ayibizi le mali abathi bayikhokhile. Kuyafana nokuthi asilalanga uma silale kuleya nto. Bekufanele basiyeke siqhubeke nezingubo zethu,” kukhala leli tshitshi.

Ube mkhulu umsindo ngalo khaphethi ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi uzoqashwa, iqembu eliphikisayo emkhandlwini weTheku i-DA, lishaya phansi ngonyawo lithi kudliwa imali.

UMnuz Zwakele Mncwango uyena obebhoka ekhahlela ethi akayizwa ekakhaphethi.

Okhulumela uMasipala weTheku uNksz Tozi Mthethwa kuze kwashaya isikhathi engatholakali ukuba aphawule ngalolu daba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.