URamaphosa uxwayisa ngababulala abe-ANC

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE NGESONTO

IPHINI likaMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa selixwayise abaholi be-ANC ukuthi abantu bazolahlekelwa ithemba kuleli qembu uma kuqhubeka ukubulawa kwabaholi balo.

I-ANC isisungule izinhlaka ezimbili ezizophenya kabanzi ngomsuka wokubulawa kwabaholi bayo KwaZuluNatal okusolwa ukuthi kusukela embangweni wezepolitiki.

IKhomishini kaMoerane ephenya ngokubulala okuhlobene nepolitiki, izoqhubeka nokulalela ubufakazi ngoSepthemba 18. URamaphosa (osesithombeni) ongomunye wabagaqele isikhundla sobumengameli ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma namalungu ale nhlangano eQwaqwa, eFree State.

Uthe bazimisele ngokubuyisela isithunzi se-ANC, ingamataniswa nenkohlakalo.

Ubephelekezelwa yiPhini likaNgqongqoshe wezoLimo uMnuz Bheki Cele, osekubeke kwacaca ukuthi uyameseka ekutheni angene esikhundleni sikaMengameli uJacob Zuma ekubeni nguMengameli we-ANC.

“Kungakho uTambo walandelwa nguMandela owayeyiPhini likaMengameli. UMandela walandelwa uMbeki owayeyiPhini lakhe Inkinga ikuphi?” kubuza uRamaphosa.

Uthe inkohlakalo yenza amalungu omphakathi aphelewe yithemba. Izinkampani zombuso ezifana no-Eskom kumele engabe zisiza abantu, kodwa zigcina sezisiza idlanzana.

Uthe ingqungquthela yokhetho kaDisemba bazoyisebenzisa ukubumba kabusha leli qembu ukuqinisekisa ukuthi alukho uqhekeko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.