Unqatshelwe ibheyili okwesibili u-Omotoso

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE NGESONTO

UMFUNDISI waseNigeria uPastor Timothy Omotoso usazoqhubeka ahlale esitokisini ngemuva kokunqatshelwa ibheyili yiNkantolo yeMantshi ePort Elizabeth ngoLwesihlanu.

IMantshi uThandeka Mashiyi ithe ithimba labameli abasha balo mfundisi baseThekwini, lihluleke lancama ukuletha ubufakazi obusha enkantolo. Le nceku kaNkulunkulu ibhekene noxhaxha lwamacala, okubalwa kuwo ukushushumbisa nokudlwengula izingane zamantombazane ezikhonza ebandleni lakhe.

UMashiyi uthe incwadi evela kuMqondisi woMnyango weziNdaba zaseKhaya yango-Agasti 14, eyabhalwa ngabameli baka-Omotoso ibingathi shu, ngoba ayidaluli lutho okusha.

UMashiyi uthe isinqumo senkantolo sokuyalela u-Omotoso ukuba afake isicelo semvume entsha, asimenzi umuntu okuleli ngokusemthethweni, kodwa ukuba nelungelo lokuvuselela imvume kuzogunyazwa wuMnyango weziNdaba zaseKhaya.

Ummeli ka-Omotoso uhluleke ngisho eseveza ukuthi u-Omotoso ubambe iqhaza ezinhlelweni zomphakathi kuleli.

Ebuzwa uMashiyi uthe kungani engakuvezanga lokho ngesikhathi efaka isicelo sokuqala sebheyili.

UMnuz Tshepo Ndwalaza woPhiko lwezokuShushisa kuzwelonke uthe bajabule ngesinqumo sebheyili yesibili.

“NjengoPhiko lwezokuShushisa kuleli, sicabanga ukuthi sikwazile ukwenza inkantolo ibone kungafanele le ndoda ithole ibheyili. Inecala okufanele iliphendule enkantolo.” Bekunezinkumbi ngaphandle kwenkantolo ebezizoseka umfundisi namalungu e-ANC, abezoseka ukuthi anganikezwa ibheyili.

UMFUNDISI waseNigeria uPastor Timothy Omotoso

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.