Bathi ubeyisigebengu esiwusizo uChillies

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - S’MANGELE ZUMA

ABASEBENZI basegaraji iCaltex kwa-W eMlaza bathi bafe olwembiza ngokushona kwelinye lamakhasimende alo eliqavile uMnuz Sandile “Chillies” Bhengu (37).

Kune-video esabalele kaChillies eshaya isidudla kuleli garaji. Abasebenzi bathe belungapheli usuku engazange alubhade kuleli garaji.

Kuthiwa ube nomkhuba wokuthenga isiphuzo esinikana umdlandla, iMonster, abesithanda, bese ehlala phezu kwefriji elingaphandle kwegaraji.

Isolezwe ngeSonto lihambele leli garaji nendawo abehlala kuyo eMlaza kwa-F ngoLwesihlanu ngaphambi kosuku lomngcwabo. Omunye wabasebenzi uthe, ubefana nonogada wabo ngoba bekuthi uma behlelwa inkinga bathinte yena.

“Bekuthi uma imoto ifike yathela uphethroli yabaleka ingakhokhanga, sifonele yena. Bekungapheli sikhathi abuye naye umnikazi wemoto amphoqe ukuthi akhokhe. Uma ehluleka simbizele amaphoyisa. Ubesisiza kakhulu ngoba ngokomthetho walapha emsebenzini leyo mali igcina isikhokhiswa umuntu obethela uphethroli,” kusho umsebenzi.

Umsebenzi ophinde abe ngumakhelwane kaChillies uthe, ubebuye asize amaphoyisa ukuthola umkhondo wezimoto ezintshontshiwe.

“Kunosisi owaphucwa imoto ezokhipha imali emshinini la egaraji. Asichithanga sikhathi safonela uChillies. Amaphoyisa afika athi azofonela uChillies amcele ukuthi awafunise imoto. Ngakusasa leyo moto yayisitholakele.

“Ubengadinwa noma singamthinta ngasiphi isikhathi. Besazi ukuthi uyisigebengu, kodwa besimthanda ngoba ubebenzela kude. Ubesho ethi yena akazintshontshi izimoto zabantu abamnyama,” kusho lo msebenzi.

Omunye wabaphathi baleli garaji ongathandanga ukuzidalula, utshele Isolezwe ngeSonto ukuthi abasebenzi babo abavela kule video kaChillies basazongena enkingeni.

“Akuvumelekile ukushaya isidudla kule ndawo. Ababekhona kwakumele babike. Le video sisanda kuyibona. Ushone singakalitholi nethuba lokukhuluma naye ngalokhu,” kusho lo mphathi.

Isolezwe ngeSonto liphinde lalibangisa emzini womxhaso abehlala kuwo, lapho bekunetende elivulekile emaceleni elibomvu. Abangani bakhe behleli egcekeni neziphuzo ezibandayo. Umculo ubusho phezulu, kukhona nezimoto ebezikelile ezinye ziwashwa.

Umxhaso wakhe uhlukile kuneminye, unamawindi e-aluminium nangaphakathi ufakwe ama-tiles phansi, nefenisha kanokusho. Umnyango uvulwe uNksz Nonhle Mdunge, ingoduso yakhe, othe ibaphatha kabi imibiko ekhishwe ngabezindaba ngoChillies.

“Yebo besazi ukuthi uyisigebengu kodwa okunye osekushiwo ngaye akulona iqiniso. Akekho umuntu esake sezwa kuthiwa umbulele.

“Okokuqala akekho owathinta umndeni wacela ukubhala ngaye nokusabalalisa izithombe zakhe. Kubuhlungu emndenini ngoba ubengubaba, engumalume, eyindodana eyikho konke. Ubengumuntu olusizo, ebathanda abantu.”

UNksz Mdunge kuthiwa ugqemeke ingozi njengoba esanda kungcwaba umfowabo naye obesolwa ngokuba yisigebengu.

Omakhelwane bakaChillies bebelokhu betusa inhlonipho nomusa wakhe, bethe ubehlale elangazelele ukusiza abantu. Abanye bathe bebethanda ukuthi ubehlale eqondile ngaso sonke isikhathi, ukotini ububuzwa kuye.

NgoLwesihlanu eMlaza kushiswe izimoto okusolwa ukuthi zintshontshwe eChatsworth. ULee Maharaj ukuqinisekisile ukuthi kuntshontshwe imoto kaninalume eyiveni neToyota Corolla eChatsworth zashiswa.

KUTHIWA ubeyisigebengu obungeke usibone uMnuz Sandile Chillies Bhengu obedume ngokudla ukotini

Isithombe: FACEBOOK/SANDILE CHILLIES BHENGU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.