Kuphume isidumbu ngombango wezimbuzi

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

ubenensimu ngezansi komuzi kamsolwa.

“Umsolwa ongumshayeli kagandaganda, kuthiwa ubevele awuhambise ensimini abulale ubhontshisi wakhe. Abuye adedele izimbuzi zakhe ukuthi zicanase ensimini kabhuti,” kusho uNksz Hlophe.

Uthe udaba luyiswe enduneni yafika yamchitha umsolwa.

“Lo muntu besimbiza ngomalume ngoba uhlobene nomama wethu. Enduneni wathi kunezimbuzi zakhe ezanyamalala wazithola sezifile.

“Ubesola ubhuti ngokuzibulala, ngoba zingene ensimini yakhe. Ngosuku ubhuti anyamalale ngalo wayegcine ukubonakala exabana nomsolwa eceleni komgwaqo. Uze watholakala ngakusasa eseklajiwe wanqunywa uqhoqhoqho,” kuqhuba uNksz Hlophe.

Uthe umsolwa wathi enduneni ubhuti uvule insimu lapho kunamathuna khona.

Induna yamchitha, yambuza ukuthi wathulelani kwasekuqaleni.

Uzwakalise ukudumala ngesenzo sikamalume wabo, athe basola ukuthi ubehlushwa ngumona.

Uthe ubehlale ezwa ukuthi umuntu onomona uyingozi, kulokhu uzibonele ngawakhe.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aseSawoti abophe umsolwa ona-42 osolwa ngokubulala.

“Kuthiwa kutholakale isidumbu sowesilisa ona-46 ehlathini ngosizo lophiko lwamaphoyisa asebenza nezinja iK9.

“Ubenqunywe umqala, kodwa imbangela yokubulawa kwakhe isaphenywa,” kusho uCaptain Gwala.

Uthe umsolwa kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze.

Imizamo yokuthola induna ayiphumelelanga, uNksz Hlophe ubethembise ukuthi uzoyithola kodwa esefonelwa belungasangeni ucingo lwakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.