Indlela elula yokuthenga

Isolezwe ngeSonto - - EZINGAJWAYELEKILE -

SISAQHUBEKA nezinto ezidala ukuthi ukuthenga esidlangalaleni kubaluleke ngani futhi kuhle ngani.

Nakulokhu sizoqhubeka nokuchaza ngobuhle balolu hlobo lokuthenga nokudayisa.

Okuhle ngalolu hlobo lwendali ukuthi uthola noma ngabe yiyiphi impahla oyidingayo, inqobo nje uma isohlwini lwalezo ezidayisayo.

Ngaphandle kwamanani aphansi okuhle ngakho ukuthi impahla uyithenga uyibona, awudayiselwa into ongayazi ukuthi injani nokuthi iyasebenza noma cha.

Konke kuphambi kwakho. Ungathenga impahla yasendlini, kusukela emaketeleni, izipuni, amafriji, osofa, amatafula, okhaphethi, amathelevishini nemisakazo - singabala kuphele isikhala lapha.

Ngaphandle nje kwezimpahla zasendlini kudayiswa ngisho nezinto ezifana nobucwebe.

Ungazitholela amawashi aphambili nemigexo kanokusho engaba yigugu kuwe ongathi uma usuyidayisa wenze enhle imali.

Noma ngabe uyadayisa noma ufuna ukuthenga kungakusiza ukuthi uxhumane nomnyango wethu oqondene nezimpahla ezidayisa esidlangaleni.

Okuhle kakhulu ukuthi impahla uyithola ngemali ephansi ngendlela engakholakali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.