Uthuka izanya umndeni womshayeli wetekisi yengozi

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - KHETHA SANGWENI

ASESABA ngisho ukuphumela ngaphandle komuzi abone abantu amalungu omndeni womshayeli wetekisi elabulala abantu abangu-20 engozini yaKwaXimba emasontweni edlule. Leli tekisi elalithwele amakholwa angu-26, lagomonqa laphoseka ngasebhulohweni. Kwavela imibiko ethi laphelelwa amabhuleki nokuthi lalilayishe ngokweqile.

Uyise omncane womshayeli wetekisi uMnuz Sompisi Ngubane (41) uxoxe naleli phephandaba esekhaya lakhe wathi isimo esehlela indodana yakhe uMnuz Lindelani Ngubane (29), sibashiye bengakwazi ngisho ukuwubheka umphakathi. Umuntu usenqena nokuphuma ahambe phambi kwabantu ngoba le nto yasehla ngenhla singazelele. Siwumndeni siyazwelana nabo bonke abalahlekelwe.”

Uthe leli tekisi belisetshenziswa yindodana yabo icosha cosha amasenti ngalo endaweni, ilibolelekwe omunye umlisa eyazana naye.

Uchaze indodana yakhe njengomuntu ohloniphayo owaziwayo endaweni. “Umfana obenesikhathi eshayela, wayesebenza umsebenzi wokushayela phambilini ngaphambi kokushayela itekisi.

Uziphethe kahle, nabantu bendawo bayamazi, akayena umuntu ohluphayo.”

Uthe wasangana ikhanda ngesikhathi ethola izingcingo zilandelana zimazisa ukuthi itekisi eshayelwa indodana yakhe isiqede abantu.

Uthe bazimisele ngokuyeseka indodana yabo ebunzimeni ebhekene nabo, ngeke bayilahle ngoba isisobishini. Uthe nakuba umphakathi wethukile, futhi ubuhlungu ngalesi sigameko kodwa alukho udweshu abasalubonile olubhekiswe kubona.

“Ngabe ngiyawusukela umphakathi awukaze usilwise nhlobo. Esixoxa nabo nje bakhala esifanayo nathi bazwelana nathi, ngoba yisigameko esehlele isigodi sonke.”

Unina walo womshayeli naye obekhona uNkk Phumangaliphi Ngubane, akafunanga ngisho ukuphawula ngalesi simo. Ubebonakala ukuthi inhliziyo yakhe iyaqaqamba.

Uthe usezinhlungwini, ngeke athande ukuphawula kwabezindaba.

USIZI belubhalwe ebusweni emndenini womshayeli wetekisi yesibhicongo setekisi eyakhalakathela ebhulohweni, KwaXimba, ngaseCato Ridge, unina womshayeli uNkk Phumangaliphi Ngubane noyis’omncane womshayeli uMnuz Sompisi Ngubane

Isithombe :

NQOBILE MBONAMBI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.