Kuza umdlalo iShaka ZuluTheWarriorKing

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA - S’MANGELE ZUMA

KUNINGI okuzovela ngomlando wamaZulu nempilo yeLembe uShaka kaSenzangakhona kwifilimu entsha iShaka Zulu The Warrior King.

Lokhu kuvezwe ngumdidiyeli omkhulu wale filimu okulindeleke ukuthi iphume ngonyaka ozayo.

Umdidiyeli uThemba Ndaba uthe umdlalo wakudala uShaka Zulu, osanda kukhuza ibuya kwiSABC1, ufana nento engekho.

Kuningi akuhlabayo ngoShaka Zulu wakudala. Phakathi kwezinto azichithayo ngawo wukuthi iLembe likakwe ngabelungu liphinde lilwa nabo. Uthe kwifilimu yakhe bazoba yingcosana abelungu.

Uthe uShaka akalwanga nabelungu njengoba kuvela emdlalweni oboniswayo kodwa walwa nabantu abamnyama ukuze abafake ngaphansi kwesizwe samaZulu.

“UShaka wayehlanganaphi nabelungu?

Babengeke bamthathele umhlaba kalula kanjalo njengoba beveza ukuthi wathengisa umhlaba ngesibuko,” kusho uNdaba.

Emdlalweni wethelevishini unina weLembe iNdlovukazi uNandi, uvela eyisimomondiya esibukeka njengonobuhle, uthe kule filimu entsha indawo kaNandi idlalwa ngumzwilili we-opera uKhumbuzile

Dlamini ogcwele kahle emzimbeni.

Efilimini yakhe uthe waba nenkinga ngesikhathi elibeka ngembaba elokuthi ufuna abantu abangamaZulu kuphela, njengoba kukhona abathi kwifilimu endala kukhona amaXhosa. Uthe indawo kaShaka izodlalwa igeza lensizwa ebelidlala indawo kaZweli Ngubane kwiSibaya u-Andile Gumbi ngoba ufuna ukuqeda lesi sithombe esibi esavezwa yifilimu endala yokuthi uShaka wayemnyama ngebala futhi emubi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.