Ukubheke ngabomvu u

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA - THOKOZANI NDLOVU

UKUSHODA ngemali yokuqhubeka nokufunda, akuyiqedi amandla intokazi emele isizwe samaZulu emqhudelwaneni wonobuhle Indoni Miss

Cultural South Africa ozoba ngo-Okthoba 7 e-ICC, eThekwini.

USamukelisiwe Pretty Nzimande (22) odabuka KwaMafunze, eMgungundlovu, uthe unethemba lokuthi kuzovuleka iminyana eminingi ngokuba kulo mqhudelwano.

“Ngiqede u-matric ngo-2014 eMlungisi

High School. Ngifisa ukusebenza kwabezimo eziphuthumayo. Ngesikhathi ngiqeda u-matric angibanga nayo imali yokuqhubeka nokufunda, ngaphoqeleka ukuthi ngizame amatoho. Ngokungena kwiNdoni sengifunde okuningi engibonayo ukuthi kuzongiyisa phambili empilweni. Abaningi bacabanga ukuthi ukuba kwiNdoni sisemqhudelwaneni kuphela, kanti siqeqeshwa nangempilo,” kusho uSamukelisiwe.

Uthe yize ekubheke ngabomvu ukuthatha isicoco kwiNdoni, kodwa ukungaphumeleli akuzomqeda amandla nakho, ngoba kuningi asekufunde ngempilo. Ukhuliswe umama wakhe kuphela njengoba uyise ashona engozini yemoto ngo-2009. Ngokuzigcina eyintombi nto, uthe usizwa ukuthi ungumuntu owathandayo amasiko futhi ungaphansi kweqembu lezintombi nto elibizwa ngeZintombi Zenhlanzeko. Kuleli qembu uthe baqeqeshana ngokuziphatha kahle, nokuthi kubaluleke ngani ukuzigcina uyintombi nto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.