Abawu-6 bazodliwa yizembe

Isolezwe ngeSonto - - EZEMISAKAZO - DELI MNCWABE

KUZOBA khona ukukhala nokugedla kwamazinyo kwabagaqele ukunqoba emncintiswaneni wama- Idols South Africa kuMzansi Magic njengoba kukhona abazokhonjwa abafike ngayo.

Kudlala amadolo kwabanye babaculi okuzothi lishona elanamuhla bebe bengaseyona ingxenye yalo mncintiswano ovumbulula ikhono lomculo.

Esiqeshini sanamuhla abayisithupha bazobopha imithwalo yabo babheke emakhaya ngenxa yokuthi kubhekeke ukuthi kusale abayishumi kuphela.

Selokhu kuqalwe isigaba sokuncintisana kwabangu-16 abasele, amajaji ancome kakhulu uMthokozisi Ndaba, Thapelo Esau, Tee noThokozile ngokushaya into ecokeme.

Kwathi abafana noGabi du Plessis, Paxton noBothlale

Phora bashaya udaka kwakhala ngisho amajaji ngokungenzi obekulindelekile kubona.

Yize kuhlale obala ukungenzi kahle ohlelweni kodwa ukuhlala nokubuyela ekhaya kuncike ekuvoteni kwabalandeli babo.

Okhulumela lolu hlelo u-Emma Ngomane uthe olayini bokuvota bavalwe ngoLwesibili.

Uthe okuzokwenzeka namuhla wukuthi kuzobonakala bonke abangu-16 bevula inkundla becula ngokubambisana.

“Namhlanje ngeke sibone umculi ecula yedwa kubona bonke abangenele uhlelo. Esizokubona wukuthi bacule ngokubambisana lusaqala uhlelo, ngemuva kwalokho kushiyelane inkundla abaculi abamenyiwe abazonandisa ngesikhathi kukhona abadliwa izembe,” kusho u-Emma.

Phakathi kwabaculi abazobe bezonandisa kubalwa uNasty C nabanye abaningi.

Bazolandelwa yinqwaba yabaculi abazonandisa kulesi sigaba esaziwa ngokuqhaqhazelisa amadolo kubaculi abangenele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.